ZININGI izinto ezizosala zimile ngokudlula emhlabeni ngokuzuma, kukaSiphamandla “S’pepe” Mtolo, obedlalela iRichards Bay FC, oquleke ejimini ngoLwesibili beziqeqesha ophuthunyiswe esibhedlela lapho efike wathulela khona.
UMtolo (29) ushiye izingane ezimbili (indodakazi eneminyaka eyisithupha nendondana enemithathu), nomndeni obubheke yena njengoba ebedlala ibhola esigabeni esikhokhelayo.
Lokhu kutshelwe iSolezwe wumfowabo kaMtolo omdala uSithembiso Ndebele, obexoxa nale liphephandaba izolo kubo kwalo mdlali, eNkobonga KwaDukuza (Stanger).
Nakuba isimo besizothile ekhaya kodwa obekuqapheleka uza kude ukuthi umsebenzi wokunweba izindlu ezintathu ezisegcekeni uyaqhubeka.
UNdebele uthe, bafe olwembiza ngoba kuningi abematasa ngakho uMtolo njengoba eshona, ngeke bakwazi ukuqhubeka nakho ngoba bona abekho esimweni esifana nalesi abekusona.
“Njengoba ubona kwakhiwa, nguyena obenza konke lokhu nokunye okuningi okuhlukene. Njengoba ebakha lapha ekhaya nje, kuneminye imizi emibili ekhona lapha endaweni abegqigqa izinkantolo ngayo ngoba ezama ukuyibuyisela egameni lakhe.”
“Konke lokhu angazi kuzoqhubeka kanjani ngoba bekuthinta yena uqobo futhi bekudinga umuntu osesimeni umfowethu abekusona,” kusho uNdebele efunga kodwa ukuthi ngasezinganeni zikamfowabo, uzokwenza konke okusemandleni ukuzilekelela.
Le liphephandaba litshelwe wuNdebele ukuthi akukacaci ngokuyikhona okumthathile uMtolo ngoba kusalindwe imibiko yodokotela. UMtolo ubengasenabo abazali.
“Kufike (ngoLwesibili) umqeqeshi weBay (uPitso Dladla) nabanye ababili engicabanga ukuthi omunye wabo ngudokotela weqembu, basitshela ukuthi iqembu liziqeqeshe kahle ngoLwesibili ekuseni kwathi sekusele imizuzu yokugcina engu-15, kunekhefu lokuphuza amanzi, wavele wawa wadlikiza baze bamphuthumisa esibhedlela lapho eshonele khona.”
“Sisezwa ngeqembu okwamanje kangangokuthi asikamboni nokuthi ukusiphi isimo. Nakuba ngingenalo ulwazi olugcwele okwamanje kodwa umbiko wodokotela ungase uphume maduze,” kulandisa uNdebele.
UMtolo ubeyilolu hlobo lwabantu olungaphathwa ngisho wumkhuhlane ngokusho komfowabo, yingakho bebheke ngabomvu ukuthola ukuthi kwenzekeni.
“NgeSonto nangoMsombuluko ubekhona (ekhaya) ewumqemane njengenjwayelo yingakho namanje sisashaqekile sonke ngokwenzekile, okuhlanganisa nomphakathi waseNkobonga,” kuqhuba uNdebele.
Indlela achazwe ngayo uMtolo, kuvele ukuthi kusukela ebuncaneni bakhe ubevele ewumholi okudalwe wukuthi ukhule edlala ibhola nabantu abadala kunaye.
“Uqale ukugqama esedlala kusoseshini wasoThongathi lapho eze wabonwa khona Uthongathi FC. Obekumenza ahluke ukuthi bekuhlale kunguyena omncane kumadoda amadala,” kusonga uNdebele.
Umalume kaMtolo, uJacob Mtolo, uthe njengoba engasebenzi nje, akazi ukuthi uzoqhubeka kanjani nezifiso zalo mdlali.
“Sixhumene kakhulu neRichards Bay ngakho-ke sinethemba lokuthi izokwenza konke njengoba ishilo. Okuzokwenzeka emuva kwalokho nami angazi.”
“Nangamalungiselelo okumfihla sisebenza ngokuxhumana neqembu lakhe ngakho-ke uma sesiqedile konke kuzomenyezelwa ngendlela,” kuthembisa umalume.
Imizamo yokuthola iqembu lalo mdlali mayelana nemibiko yodokotela namalungiselelo ezinkonzo zesikhumbuzo uma ekhona ayiphumelelanga kodwa belithembisile ukukhipha esinye isitatimende esinemininingwane ngokuhamba kwesikhathi.