UMDLALI wasemuva we-Orlando Pirates, uBandile Shandu, ujabulela ukuphela kweshobolo leminyaka lokuhluleka ukuwina izindebe kwiDStv Premiership.
UShandu waseMgungundlovu, useqenjini leZimnyama elisabhiyozela ukuwina indebe yeMTN8 emuva kokwehlula AmaZulu ngo 1-0 ngempelasonto edlule eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Bekungokokuqala ephakamisa indebe selokhu aqala ukudlala kwiPremiership ngo-2013 kwiMaritzburg United. Lo mdlali oyibamba emuva kwesokudla, wayekhona eqenjini leTeam of Choice elahlulwa yiFree State Stars kowamanqamu weNedbank Cup ngo-2018.
Kwenzeke okufanayo ngo-2019 iMaritzburg ikhala ngaphansi kwiMamelodi Sundowns kowamanqamu weTelkom Knockout eThekwini.
UShandu ulandelwe yishobolo ngisho esekwiPirates behlulwa yiRS Berkane yaseMorocco kowamanqamu weCaf Confederation Cup ngesizini edlule.
"Kufanele ngabe kade ngayiwina indebe. Lona bekuwumdlalo wami wamanqamu wesine. Ngidlale emibili kwiMaritzburg, ngadlala owodwa kwiPirates sihlulwa koweCaf. Lena bekungeyesibili ngikwiPirates. Ngiyajabula ukuthi ekugcineni sengiyitholile indondo yegolide. Kufanele ngabe kade kwenzeka," kusho uShandu.
Ngaphandle kokuthi uShandu useqenjini eliwine iMTN8 kodwa ungomunye wabadlali abadlala njalo ngaphansi komqeqeshi uJose Reviero waseSpain. Emidlalweni eminingi lo mqeqeshi umshintshanisa noJames Monyane osebuya eqenjini leZimnyama leDStv Diski Challenge.
UShandu ulitholile ithuba lokudlala kowamanqamu ngempelasonto, ungene endaweni kaMonyane ongazange abuye esiwombeni sesibili eselimele.
Akubuzwa ukuthi ukuwina indebe kukaReveiro kuzomnika uzinzo kwiPirates kwazise baningi abalandeli abebekade bemngabaza ngesikhathi efika kuleli qembu ngenxa yokuthi abamazeli lutho ebholeni.
"Ngicabanga ukuthi imisebenzi iyabonakala. Iyabonakala indlela esidlala ngayo. Kule bhizinisi awuhlale usohlangothini oluhle. Kwesinye isikhathi ungena kolubi. Kufanele uhlale ugxilise umqondo wakho kokwenzayo. Lokho kuhambisana nomsebenzi esiwenzayo. Asigxili kwezinye izinto. Siyazi siyiqembu nangabodwana ukuthi sidlala kangakanani okuyikhona okwenza sibe kwi-Orlando Pirates," kusho uShandu.
IPirates inethuba lokuphakamisa enye indebe ngoMgqibelo. Izobhekana nezimbangi iKaizer Chiefs koweCarling Black Label Cup eFNB Stadium emqhudelwaneni wosuku, umdlalo uzoqala ngo-12 emini.
Ekuseni kuzoqala AmaZulu neMamelodi Sundowns. Owamanqamu uzodlalwa ntambama.
"Sifuna ukuwina yonke imidlalo esiyidlalayo. I-Orlando Pirates imayelana nalokho. Akukhathalekile ukuthi kudlalelwa ini. Iqembu lifuna yonke imidlalo. Yilokho esikufunayo," kusho uShandu.
Umdlalo wabo neChiefs uzofana nethuba lokuziphindiselela njengoba isanda kubahlula ngo 1-0 kowomkhaya weDStv Premiership.