UNYAZI lo mgadli weMamelodi Sundowns, uPeter Shalulile, lubona isizini ka-2022/23 ingeke ifane namanye, izoba nzima kulona nakozakwabo.
Kusukela ngesizini ka-2019/20, uShalulile esadlala kwiHighlands Park uzakhele igama ebholeni lakuleli eba wumshayi magoli ovelele.
Lokhu kuba bukhali phambi kwamapali kwenze iSundowns yamsayinisa.
Ngenxa yokuthi leli qembu lishaya ngabadlali bezinga eliphezulu, kwenzele lo mgadli izinto zalula.
Phakathi kwemiklomelo aseyinqobe edlala kumaBrazilians, owePSL Footballer of the Year, PSL Footballer of the Season nePSL Player's Player of the Season.
Nangesizini edlule, uphinde wakhala wemuka nowomgadli ovelele.
Ucishe waphula irekhodi likaCollins Mbesuma waseZambia lamagoli awu-25 kwiligi. Lo mgadli waseNamibia, ugcine ephelele kumagoli awu-23.
Nakule sizini, lo mgadli uyaqhubeka nokuba iphela indlebeni kwizitobha.
Emidlalweni eyisishiyagalolunye yeDStv Premiership useshaye amagoli ayisithupha. Nakuba izinto zibukeka zimhambela kahle kodwa ukuvumile ukuthi iyashisa insimbi kule sizini.
"Le sizini ngingayichaza njengenhle kakhulu. Izinga lokuqhudelana kwamaqembu liphezulu kakhulu. Wonke alenyusile izinga. Wonke ayabonakala ukuthi afuna ukunqoba izicoco. Wonke afuna ukugqama kwiligi. Kuyamphoqa umuntu ukuthi anyuse izinga, ngeke kufane namasizini edlule, kule kuzothanda ukuba nzima," kubeka uShalulile kwabezindaba.
Lo mgadli uthiphe i-Orlando Pirates njengeqembu elizobathwalisa kanzima.
Lezi zinkunzi ziyalandelana esicongweni se-log. AmaBrazilians aqhwakele ngamaphuzu awu-19 bese eZimnyama zibe kweyesibili ngamaphuzu awu-14 emidlalweni eyisishiyagalombili.
Ngempelasonto edlule, e-Orlando Stadium bashayane baze babukana kuba ngu-0-0 emdlalweni womlenze wokuqala kowandulela owamanqamu kwiMTN8.
"Iqembu engibona lizoba inkinga kule sizini i-Orlando Pirates. Isayinise abadlali bezinga eliphezulu. Okubuye kube nzima ngayo ukuthi kubukhuni ukushaya igoli uma udlala nayo. Inodonga lwasemuva oluqinile," kuqhuba uShalulile.
Ebuzwa ukuthi kule sizini uzimisele ngokushaya amagoli amangaki, uthe: "Engikufunayo ukwenyusa izinga ebengikulo ngesizini edlule. Kuyiqiniso ukuthi wonke umgadli kukhona isibalo azibekela sona. Ngizoqhubeka nokulwa. Njengomgadli, umsebenzi wami ukushaya amagoli. Emidlalweni edlule bekunzima.“
NgeSonto, iSundowns izodlala neLa Passe yaseSeychelles, emlenzeni wokuqala wokuhlungela ukungena esigabeni samaqoqo eCaf Champions League.
Umlenze wesibi ungo-Okthoba 14. Iyoze ibuyele kwiligi ngo-Okthoba 19, isibhekene neMarumo Gallats.