KUSALE ayiphonse kuzwakale inselelo kumgadli we-Orlando Pirates, uKermit Erasmus, lowo obemdlela ijezi kwiMamelodi Sundowns, uPeter Shalulile.
Laba bagadli kulindelwe babhekane emlenzeni wokuqala we-semi final yeMTN8 ose-Orlando Stadium, eSoweto, namuhla ngo-3.30 ntambama.
Sebeyizitha laba bagadli emuva kokuthi u-Erasmus ekhishwe nguShalulile esikimi seSundowns waze wabuyela kwiPirates ashiye egqamile kuyo ngo-2016 eya eFrance.
Eyokuqonga kwempi phakathi kwalaba badlali izwakale enkulumeni kaShalulile exoxa ngomdlalo wanamuhla yize ebelulalisa ulimi, inkentshane laseNamibia.
“Ngesizini edlule kube ngumusa kaNkulunkulu ukuthi ngishaye wonke lawa magoli. Namanje injongo wukuthi ngishaye amagoli angaphezulu kunokudlule,” kusho uShalulile.
“Ngeshwa-ke impilo injalo, (u-Erasmus) besinaye ngesizini edlule njengomnewethu kodwa manje akasekho nathi. Wonke umdlali uzibekela isibalo esithile samagoli afisa ukufinyelela kuso. Ngimfisela inhlanhla njengomfowethu ngoba yilokho abeyikho kimi.”
Kuzochaza abalandeli ukuthi u-Erasmus uvumelekile ukudlala kulo mdlalo kwazise ubengakaze ayidlalele kule sizini iSundowns, ikakhulukazi kulo mqhudelwano.
Okunye okuzojabulisa abalandeli beZimnyama ukuvumeleka ukudlala kule mpi kwesigqigqi esinguNdabayithethwa Ndlondlo.
Ngaphandle kwempi ka-Erasmus noShaulile, enye into evelile wukuhlukana kwemibono yabadlali beSundowns ngalo mdlalo yize ihlangana ekugcineni inkulumo yabo.
“Mina ngikholwa wukuthi kufanele siye ekhaya sinqobile,” kusho uShalulile.
“KwiSundowns asiyikhethi imidlalo kodwa siphilela ukuyinqoba yonke. Yikho namanje esijule ngakho,” kusho uNeo Maema, osekucacile ukuthi ungesinye sezethenjwa kubaqeqeshi beSundowns.
ISundowns ivikela isicoco esihlwithe kuyo iPirates ngesizini edlule.