UMQEQESHI we-All Stars, uSinethemba Badela, ukholwa wukuthi isitobha abasiboleke kwi-Orlando Pirates, uThabiso Sesane, sesikulungele ukuyodla ijezi kweZimnyama.
UBadela, opheka iqembu elidlala kwiMotsepe Foundation Championship, ushaya ngabadlali abahlukene ababolekwe emaqenjini adlala kwiDStv Premiership.
Ngaphandle kukaSesane, i-All Stars iboleke abadlali beMamelodi Sundowns abathathu okunguPromise Mkhuma, Keletso Makgalwa noMalebogo Modise. USesane (22), oyibamba maphakathi emuva, udlale kanye esikimini esikhulu sePirates ngesizini ka-2020/2021, waqokwa njengomdlali ovelele esuka eqenjini leDStv Diski Challenge.
Ngesizini elandelayo wabolekiswa kwiJomo Cosmos esiyibamba kwi-ABC Motsepe League yaseGauteng. USesane ubolekiswe kwi-All Stars ekuqaleni kweka-2022/2023.
"Usayidlale yonke imidlalo kule sizini. Uwodwa angawudlalanga ngenxa yamakhadi. Unekhono elimangazayo. Ngihlale ngimtshela ukuthi kukuyena ukuthi uyifuna kangakanani impumelelo. Ngiyakholwa ukuthi angaya kwiPirates asithole isikimu. Umbango wejezi mkhulu futhi nezinga lingaphezulu kancane kodwa kufanele ayolwela indawo yakhe. Useyikhuphule kakhulu indlela adlala ngayo," kuchaza uBadela.
"UbekwiCosmos kodwa akangadlala imidlalo eminingi futhi ubengadlali kahle njalo. Ungumfana olungile ngakho kufanele sizame ukumsiza. Luselude ukhalo. Usemncane, uyawenza amaphutha njengabo bonke abantu. Ngakho siyamvikela futhi sizombekezelela. Uyazinikela ejimini zonke izinsuku. Noma ethintekile kancane akakhonondi, uzinikela ngakho konke anakho. Sijabule kakhulu ngaye."
USesane, oyibamba maphakathi emuva, uyibamba noDiamond Thopola odongeni lwe-All Stars. UThopola, owayeyibamba kwiThanda Royal Zulu eminyakeni edlule, udlalile kweZimnyama kanti wasayina kuyona ngesizini ka-2017/2018 esuka kwiChippa United. IPirates yambolekisa, yaphetha ngokumdedela.
UBadela uveze ukuthi omunye wemisebenzi yakhe wukuthumela imibiko nsukuzonke emaqenjini ababoleke abadlali.
"Sinabadlali abambalwa esibaboleke kwamanye amaqembu. Ngakho sihlala sithumela imibiko njalo ngendlela abenze ngayo ejimini. Ukuziqeqesha kwabo konke kuyaqoshwa ukuze sicubungule, sidlulisele umbiko ngenqubekela phambili yabo emaqenjini," kusho uBadela.