UMQEQESHI weSuperSport United kwiDStv Diski Challenge, uThabo September, ubona besazoyiketula i-Orlando Pirates ehlezi esicongweni se-log kule ligi.
ISuperSport yehluleke ekugcineni ukuwina iligi ngesizini edlule phezu kokuhlala embangweni isikhathi eside. Ubhedu lugcine ludliwe yiStellenbosch ethole ithuba lokuyomela iNingizimu Afrika emqhudelwaneni, iPremier League Next Generation Cup, e-UK.
Njengoba amaqembu esesalelwe yimidlalo engu-12 asonge isizini, iSuperSport isendaweni yesithathu kwi-log ngamaphuzu awu-37. Isele ngamathathu kwiPirates eqhwakele ngawu-40. Bahlukaniswe yiCape Town City eseyehlele endaweni yesibili ngamaphuzu awu-38.
"Ngesizini edlule siwine imidlalo engu-10 yokugcina kodwa lokho sikwenze sekuvele konakele. Kulokhu umgqigqo siwubambe ngesikhathi esifanele. Uma singawina yonke le midlalo esisalele, njengoba senzile ngesizini edlule, singayiwina iligi. Okuhle wukuthi iPirates sisazodlala nayo. Kufanele sizishayele thina," kusho uSeptember.
"Ngifuna sihlale esicongweni se-log. Uma kungenzeka lokho, kuzoba lula ukulwela ukungagudluki. Kunengcindezi ukuhlala phezulu kodwa ngikholwa wukuthi abafana bami bazokwazi ukumelana nayo. Iligi yeDiski iyafuneka ehhovisi leqembu. Kufanele noma kanjani siyiwine kulokhu. Okuhle kule sizini wukuthi mabili kuphela amaqembu esibanga nawo iligi."
Ngempelasonto edlule iSuperSport izidlele amahlanga kwiTS Galaxy iyixebula ngo-4-0. NgeSonto ngo-10 ekuseni eLucas Moripe Stadium, Amatsatsantsa azolwela ukucosha amaphuzu aphelele kwiMarumo Gallants esendaweni ka-11 kwi-log.
"Akusekho manje ukulahla amaphuzu. Kuzoba nzima khona kodwa kufanele silwe kanzima. Asikwazi ukuyiphunyuka futhi iligi nakule sizini. Kulokhu sisesimeni esihle kakhulu sokuyiwina," kusho September.
Khonamanjalo, umdlalo ohlehliswe ngempelasonto edlule phakathi kweStellenbosch neRichards Bay udlalwe ngoLwesithathu ekuseni. Uphele zibambene ngo-2-2.
Imidlalo yeDStv Diski Challenge:
Kusasa - Ngo10am: Chippa United v Orlando Pirates (Wolfson Stadium); Golden Arrows v Stellenbosch (Sugar Ray Xulu Stadium); Maritzburg United v TS Galaxy (Harry Gwala Stadium); Royal AM v Richards Bay (Mpumalanga Stadium).
Ngo-12pm: Mamelodi Sundowns v Swallows (Lucas Moripe Stadium); Sekhukhune United v Kaizer Chiefs (Tsakane Stadium).
NgeSonto - Ngo-10am: AmaZulu v Cape Town City (King Zwelithini Stadium); SuperSport United v Marumo Gallants ( Lucas Moripe Stadium).