UMGADLI weBanyana Banyana, uJermaine Seoposenwe usethubeni lokunqoba isicoco sokuqala seligi selokhu afika eMexico. Lokhu kuncike ekunqobeni kweqembu lakhe, iCF Monterrey, elizobanga eseLiga MX Femenil Clausura Femenil neClub America.
Iqembu elaziwa ngeRayados lizibeke kowamanqamu ngokunqoba iPachuca ngo 6-2 uma sekuhlanganiswe imilenze yomibili. Owokuqala yawunqoba ngo 2-0, kowesibili yadlula ngo 4-2.
I-America ikhiphe iqembu likaThembi Kgatlana, iTigres UANL, ngo 3-2 kowandulela owamanqamu. ITigres ibe ngompetha bokuqala kule sizini ngokuthatha isicoco se-Apertura.
EzikaKgatlana beziqhwakele kwi-log ekupheleni kwemidlalo yamaqoqo ngaphambi kokuthi ziwashiswe ijezi sekudlulelwe esigabeni somkhumulajezi.
USeoposenwe uhalalisele iqembu lakhe enkundleni yokuxhumana i-X, wagcizelela ukuthi kufanele baqhubeke nomgqigqo ngoba umsebenzi awukapheli.
“Akukho okungenza ngingajabuli. Ngidlala nabadlali abamangalisayo, ngidlalela iqembu elinomlando futhi elilambele ukwenza okuningi. Akukho okunye ongakucela njengomdlali webhola,” kusho uSeoposenwe.
Umgadli uvikele abebemgxeka kule nkundla yokuxhumana, bemsola ngokwenza ezibukwayo uma edlalela iqembu lakhe, ekubeni iBanyana Banyana ihlulekile ukungena kuma-Olympic, kulandela ukukhishwa yiNigeria ngo 1-0 emzuliswaneni wokugcina wokuhlunga.
“Akungikhathazi ukugxekwa. Ngiyazi ukuthi abantu baseNingizimu Afrika, basaphoxekile ngokuthi asizibekiselanga indawo kuma-Olympic futhi kufanele bazizwe kanjalo. Nokho, kumele bakuqonde ukuthi yibhola leli, uyahlulwa uphinde unqobe,” ubhale kanje.
“Angithukuthele nakancane. Ngiyaqonda ngempela ukuthi abantu baseNingizimu Afrika, bazizwa kanjani. Balindele lukhulu kithina futhi uma kungenzeki lokho kuba nokudumala okukhulu. Nathi saphoxeka kodwa njengabadlali asikwazi ukubheka emuva, kufanele siye phambili.”
Umlenze wokuqala womdlalo wamanqamu weLiga MX Femenil Clausura ungoMgqibelo ngo-4 ekuseni, uzodlalelwa e-Estadio Azteca, eMexico City. Owesibili umdlalo ungoLwesibili ekuseni futhi uzodlalelwa ekhaya leMonterrey, e-Estadio BBVA.