ISEKHONA futhi isenkulu indawo, ka-Andile Jali, kwiMamelodi Sundowns ngokusho, kukaRhulani Mokwena, oyinhloko yabaqeqeshi kuleli qembu.
UJali (32) ongomunye wabadlali abawumgogodla kwiSundowns kusukela efike kuyona ngo-2018 esuka eqenjini laseBelgium, i-KV Oostende, usezinyangeni zakhe eziyisithupha zokugcina kwinkontileka anayo naleli qembu okumnika igunya lokukhuluma nanoma yiliphi iqembu elimfunayo.
Kubukeka kungeke kwenzeke lokhu uma kuzoya ngamgama kaMokwena otshele abezindaba ngoLwesihlanu, eKing Zwelithini Stadium, ukuthi izingxoxo nekhempu kaJali seziqalile wase eqinisekisa nokuthi yena usamdinga.
“Izingxoxo ngenkontileka entsha kaJali ziyaqhubeka phakathi kweqembu nababhekele izindaba zakhe ngoba uwumdlali omqoka kithina,” kusho uMokwena eqeda ukunqoba kwiRichards Bay FC.
“Ngiyathemba nizibonele ukuthi uJali ungene kunzima wakhombisa ubuholi ubungakanani emidlalweni yethu emibili edlule.
“Uwumdlali oseqophelweni eliphezulu futhi uwumholi wethu omqoka kithina sonke,” kusho uMokwena ezeseka ngokuthi lolu daba alumthinti kangako yena njengomqeqeshi kodwa ngesikhathi esifanele, iSundowns izokwenza izimemezelo ngenkontileka kaJali.
Ngemuva kwemidlalo yeDStv Premiership yangempelasoto edlule, iSundowns ivule igebe lamaphuzu ayishimu esicongweni. Isiqoqe awu-37 emidlalweni ewu-15.
Namuhla izokwamukela iChippa United ngo-7.30 ebusuku eLoftus Versveld.
UMokwena uchaze iChippa abadlala nayo njengeqembu okunzima ukudlala nalo ngoba liyafana neBay, lidlala ngokukhululeka.
“IChippa igqishe ngabadlali abahle futhi abanomqondo wokungafuni ukwehlulwa ngakho-ke kuzoba nzima uma sesibhekene nabo, asikungabazi lokhu.
“Ukwenza kahle kwethu kulezi zinsuku kungaba isitha kithina ngoba kwenza wonke amaqembu esizobhekana nawo ukuthi afike ewakhuphule nakakhulu amasokisi.
“Manje isikhathi sokuwakhuphula nakakhulu amasokisi thina uqobo. Ayikho imidlalo elula kwiDStv Premiership ngakho-ke siyazi ukuthi uma sike sathambisa ngisho ngabe ikancane kangakanani, lokho kuzoba inkinga kithina kanti asizifuni izinkinga.
“Sizophumuza imizimba yabadlali bese siyaqinisekisa ukuthi iChippa isifica sisesimeni esifanele sokuqhubeka nomgqigqo esihamba ngawo,” kusho uMokwena.
Imidlalo yeDStv Premiership kuleli sonto:
Namuhla - Ngo-7.30pm: Mamelodi Sundowns v Chippa United (Loftus Versfeld).
Kusasa - Ngo-7.30pm: Stellenbosch v Marumo Gallants (Danie Craven Stadium).
NgoLwesihlanu - Ngo-7.30pm: AmaZulu v Kaizer Chiefs (Moses Mabhida Stadium).