ABAQEQESHI beMamelodi Sundowns sebeqalile ukuhlelela impilo ngaphandle kwesithenjwa seqembu, uThemba “Mshishi” Zwane futhi sebenaye umdlali abakholwa wukuthi angakwenza lokho.
Lokhu kudalulwe ngomunye wabo, uManqoba Mngqithi, oveze imfihlo yaleli qembu ngezinhlelo zokusivala ngoSiphelele Mkhulise, isikhala sikaZwane okunguyena okwamanje injini eyenza ukuthi amaBrazilians angabambeki.
UMngqithi ukusho lokhu esithangamini nabezindaba izolo, lapho ebechaza ngamalungiselelo abo omdlalo womlenze wesibili kweyokuhlungela amaqoqo kwiCaf Champions League. ISundowns izobhekana neLa Passe yaseSeychelles, abayinenebule ngo 7-0, emzuliswaneni wokuqala ngempelasonto edlule.
Umdlalo ukusasa eLoftus Versfeld ngo-5.30 ntambama.
Kumasizini amahlanu adlule, iSundowns iholwa uZwane njengesibani kodwa njengoba eseneminyaka engu-33 ubudala, akubuzwa ukuthi leli qembu seliqalile ukuhlelela impilo ngaphandle kwakhe.
UMkhulise (26) oshaye elinye lamagoli iSundowns elobole ngawo iLa Passe ngeledlule, ubeyingxenye yalesi sithangami okuyilapho uMngqithi edalule khona le mfihlo yeSundowns.
“UMkhulise ungomunye wabadlali abangcono kunabo bonke asebeke bakhiqizwa iNingizimu Afrika, futhi lokhu angikusho ngoba ehleli lapha eceleni kwami,” kusho uMngqithi.”
“Kuyangijabulisa ukumuzwa ekhuluma ngale ndlela ngoba lokhu kukhomba ukuthi bayasilalela uma sikhuluma nabo singabaqeqeshi beSundowns.
“Ngesikhathi simkhuphulela esikimini esikhulu besbheka umdlali ongacishe ayele kuThemba (Zwane). Besidinga umdlali ozosisiza ngaleyo ndlela efana nekaZwane.
“Kuyiqiniso ukuthi kukhona okuncane obekusashoda kuyena kumasizini adlule kodwa kuya ngokuya kulunga. Ungomunye wabadlali abanekhono cishe ukubedlula bonke kuleli ngomjiko kodwa ngoba ungumfana ozithobile, akakuvezi lokho.
“Okusele ukuthi abenalokhu kuzithwala (okuhle) okujwayeleke kubadlali abaphiwe ngokwethalente. Ngemuva kwalokho, sizobe sihlabene ngoba ikhono lakhe alandile njengelikaZwane,” kusho uMngqithi.
Lo mdlali ukhombise izimpawu zokukujabulela ukufika koMarcelo Allende waseChile no-Abubeker Nasir wase-Ethiopia, abalandwe ngaphandle yize bekhona bekhulele ezinkulisa ze’ Downs.
“Kuyangikhuthaza ukufika kwabadlali besuka ngaphandle kodwa bafike kubonakale. Vele balandelwe ukuzosiza iqembu kodwa uma lokhu befika bekwenza ngokushesha, nangendlela abakwenza ngayo, siyakhuthazeka nathi esisabheke ithuba esikimini,” kusho uMkhulise.
UMngqithi uthe ukuthi bahamba phambili ngo-7-0 akusho lutho.
“Kunezibalo esizibekela zona njengeqembu ngakho-ke awukho umdlalo lapho sithola khona ithuba lokuthambisa ngokwesikimu. Nabadlali banezabo izibalo okufanele bafike kuzona ngabodwana.
“Uma uthambisa kweminye imidlalo njengomqeqeqshi, kubanzima uma usufuna ukuthi abadlali baphinde balikhuphule izinga yingakho kungcono ukuhamba ngomgqigqo owodwa,” kusho uMngqithi.