I-ORLANDO Pirates iveze ukuthi uzophela lo nyaka singakabuyi isitobha, u-Olisa Ndah, ngenxa yokulimala.
Lo mdlali, odabuka eNigeria, walimala emdlalweni weligi ngesikhathi Ezimnyama zibhekene nePolokwane City. Akadlalanga kowakamuva weligi neRichards Bay nakowamanqamu eMTN8 neStellenbosch FC.
Ngokusho kwesitatimende esikhishwe yiPirates kwi-website yeqembu, uNdah uphuke emlenzeni. Asikathathwa isinqumo ngokuthi uzohlinzwa yini noma cha kodwa ngeke esadlala kulo nyaka.
Ngaphandle kukaNdah, ithimba lodokotela lePirates liphinde lakhipha imibiko ngabanye abadlali abalimele.
UThalente Mbatha, owalimala kowamanqamu neStellies, usazoqashwa kuleli sonto ngaphambi kokuthi aqale ukuzilolonga neqembu ngokugcwele. UBandile Shandu useqalile ukuzilolonga ngokugcwele neqembu futhi useyidlalile imizuzu engu-35 emidlalweni yobungani.
UTapelo Xoki useyazilolonga ngokuphelele, uGoodman Mosele, Zakhele Lepasa noThabiso Lebitso sebeqalile ukugijima.
Abanye abathinteke imisipha abangakalulami yisitobha, uSandile Mthethwa, nonozinti, u-Ethan Visagie.