USETHOLE ikhaya elisha eDjibouti unozinti, uJean-Noel Amonome, ochithwe ngaMaZulu emasontweni adlule.
U-Amonome (25) waseGabon, uhlukane noSuthu emasontweni adlule nenqwaba yabadlali abebengekho ezinhlelweni zomqeqeshi omusha uPablo Martin futhi iningi labo ebelisizwa ngendaba isikimu ngesizini edlule.
UMartin ubukeka esesitholile isikimu azosebenza ngaso kule sizini njengoba enengcindezi yokwenyusela leli qembu kwelinye izinga.
U-Amonome, obephila ngokubolekiswa selokhu ajoyina Usuthu esuka kwiFC 105 Libreville yakwelakubo ngo-2019, kade ebolekiswe kuThongathi FC kuMotsepe Foundation Championship. KuMaZulu ubonakale kanye ezintini ngesikhathi Usuthu ludlala neHoroya AC yaseGuinea emdlalweni weCaf Champions League.
U-Amonome ukuqinisekile kuleli phephandaba eseDjibouti ukuthi usesayine inkontileka yonyaka ne-AS Arta Solar 7 edlala kwiDjibouti Premier League. Leli qembu lidlala kwiCaf Confederation Cup. Lizobhekana neZamalek yase-Egypt kowomlenze wokuqala womzuliswano wesibili wokuhlungela ukungena esigabeni samaqoqo.
"Bekufanele ngisayine kwiMarumo Gallants ebengixoxa nayo ngiseseNingizimu Afrika. Kodwa ngishintshe umqondo ekugcineni sengifunwa yileli qembu futhi sengizwa ukuthi lidlala kwiConfederation. Ngithe kungcono ngize lapha ngizobona ukuthi yindawo engizoyithanda yini. Sizodlala neZamalek uma ngibuya eqenjini lesizwe," kusho u-Amonome.
Umdlalo womlenze wokuqala uzodlalelwa eTanzania, ngoSepthemba 15, ngenxa yokuthi iCaf ayikho inkundla eyiphasisile eDjibouti engomakhelwane beSomalia ne-Ethiopia.
U-Amonome ovimbela iqembu lesizwe laseGabon ufulathele iNingizimu Afrika enganeme ngenxa yokuphendulwa isibukeli oSuthwini. Emasontweni adlule uthe usekulungele ukubuyela ekhaya uma engalitholi iqembu eMzansi.
"BengikuMaZulu ngesikhathi ezicijela ukuqala kwesizini. Ngakho manje amaqembu amaningi aseqedile ukusayinisa abadlali. Sesihambile isikhathi. Uma kungalungi lapho engibheke khona, ngizobuyela ekhaya. Akukho engingakwenza manje. Mhlawumbe angikho ezingeni lokudlala eNingizimu Afrika.
“Umqeqeshi waMaZulu ungitshele ukuthi akangidingi. Uthe unozinti wokuqala nguVeli (Mothwa), ngakho ngeke ngibe ngunozinti wesibili ngoba ngingowangaphandle. Uncamela ukuthi asayinise umgadli wangaphandle esikhundleni sikanozinti ongeke adlale njalo. Uthe okungcono iqembu alingibolekise kodwa nalapha akanaso isiqiniseko sokuthi ngizoba nayo indawo uma sengibuya. Ngincamele ukuhamba ngoba vele inkontileka yami kade isiphelile, "kusho u-Amonome.