OYINKAKHA ye-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSiyabonga "Nsimbi" Sangweni, uthi ukubhekwa kwabadlali besavunwa yiminyaka emiqhudelwaneni enjengamaSalga Games, nokuba nohlelo lokubalandelela, kungaba yisixazululo ekuvumbululweni kwethalente labadlali KwaZulu-Natal.
USangweni ukusho lokhu engxoxweni abenayo neSolezwe ngenkathi ehambele amaKZN Salga Games abedlalelwa eNewcastle, kusukela ngoLwesine kwaze kwaba yiSonto.
Iqembu lebhola laseMkhanyakude yilona elidle ubhedu ebholeni labesilisa ngokuguqisa elaseKing Cetshwayo ngo-1-0 kowamanqamu. Ebholeni labesifazane umhlanganiso udliwe yiLembe liguqisa iMajuba ngo-1-0.
Isifunda iTheku yisona esihambe phambili ngokuqoqa izindondo eziningi emidlalweni eyahlukene, silandelwa yiKing Cetshwayo neZululand.
"Likhulu ithalente engilibonile kule midlalo yamaSalga, futhi idinga ukushayelwa ihlombe eyokuqhutshwa kwale midlalo yiziphathimandla zikahulumeni wakulesi sifundazwe neSafa (nezinye izinhlangano zezemidlalo).
“Nami ngingomunye wabadlali ababa nenhlanhla yokubonwa yizinhloli zamaqembu ebhola elikhokhelayo kuyona le midlalo yamaSalga. Engikuqaphelile wukuthi abadlali besifunda saseMkhanyakude nabaseKing Cetshwayo, bangabadlali abaphiwe ubude nokubaqatha ngomzimba, okuwuhlobo lwabadlali oluyimvelakancane ebholeni laseNingizimu Afrika.
“Ngicabanga ukuthi abadlali balolu hlobo kufanele bahlonzwe kusenesikhathi, ngoba bahle kakhulu ekubeni ngabadlali basemuva nabadlala phambili," kusho uSangweni.
"Kubaluleke kakhulu ukuthi abadlali bahlonzwe kusenesikhathi besavunwa yiminyaka emiqhudelwaneni enjengalena. Kumele kube nohlelo lokulandelela ukuqhuba kwabo emaqenjini abo nasezifundeni ababuya kuzona ukuze bangalahleki.“
Uthe izinto ziqala ukuphambana lapho abadlali behlonzwa iminyaka isihambile.
“Iphutha elibakhona elokuthi abadlali bakithi bahlonzwe sebehanjelwe yiminyaka, esemancane kakhulu amathuba okuthi bathathwe ngamaqembu ePSL (Premier Soccer League). Ngingasho ngaphandle kokungabaza ukuthi njengomuntu ozakhele igama ebholeni, ngizokwenza okusemandleni ukuthinta "amabhathini" engingawathinta ekutheni abanye babadlali abanekhono engibabonile kulo mqhudelwano, bakwazi ukuthola ithuba lokuhlolwa ngamaqembu ebhola elikhokhelayo."
Phakathi kwezinhloli zebhola ezibonakele kumaSalga Games, kubalwa kuzo uSboniso "Nini" Vilakazi oqeqesha eqenjini laMaZulu FC elidlala kwiDStv Diski Challenge.