Nakuba kuseva kodwa uThamsanqa Sangweni ongumdlali woMsinga ubona umdlalo wabo noMkhambathi uzocacisa okuningi ngeqembu okuzoqedwa liqhwakele kwi-stream B.
La maqembu azotholana koweKZN ABC Motsepe League ngeSonto ngo-3 ntambama, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
Lo mdlalo uthathwa njengowamagqubu kwazise ngesizini edlule, emdlalweni wokugcina kwi-stream B owawuzokhipha iqembu elizobhekana neNjampela eyayikhonye kwi-stream A, uMsinga washaya uMkhambathi.
Sekuwumlando ukuthi kowokukhipha ingqwele yaKwaZulu-Natal kwanqoba iNjampela engalibonanga elidlalayo kwekazwelonke yokuhlungela ukungena kwiMotsepe Foundation Championship.
Okuphinde kwenze ubhekwe ngabomvu lo mdlalo wukuthi kuqhwakele uMkhambathi ngamaphuzu eyisishiyagalolunye emidlalweni emithathu. UMsinga oteketiswa ngelamaBhubesi, ukweyesibili ngayisikhokhombisa.
USangweni owazakhela igama kwi-Orlando Pirates nakwiMamelodi Sundowns, uthe bayalelwe ukuthi baqede umlenze wokuqala weligi beqengqeleza phambili ngamaphuzu.
"Nakuba kuseva kodwa sekuyacaca ukuthi uMsinga noMkhambathi ibona futhi abazoba sembangweni wesicoco sika-stream B. Lokhu ngikusho ngenxa yebhola abalidlalayo, ukuqina kwezikwati zabo, amaphuzu abasawatholile namagoli abasawashayile. Isifiso sethu nesikasihlalo wukuqeda nge-Stream B emlenzeni wokuqala weligi. Lokhu kusiphoqa ukunqoba noma kanjani kuMkhumbane," kubeka uSangweni.
UMkhokhiseni Mpanza, ongusihlalo wamaBhubesi, utshele Isolezwe ukuthi bagcine bebuyele ekhaya oThabani Mthembu, Nkululeko Miya noBandile Ndlovu ababesayiniswe yiRichards Bay ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2023/24.
Imi kanje seyiyonke eye-ABC Motsepe:
Kwi-stream A:
NgoMgqibelo:
Ngo-3 pm: Njampela v Ulundi (KwaMsane); Muzi v Umvoti (Ngcedomhlophe).
NgeSonto:
Ngo-12.30 pm: Midlands v Asande (Harry Gwala).
Ngo-3 pm: Summerfield v Mlazi Lions (Road 1016 Field).
Ku-stream A:
NgoMgqibelo:
Ngo-1 pm: Ethekwini v Mshwathi (Twinnie Park).
Ngo-3pm:KwaMashu Knights v Chess (Sacharine); Junior Eleven v Newcastle (Kandahari); Drakensberg v Ditlou (Wembezi).
NgeSonto:
Mkhambathi v Umsinga (Harry Gwala).