“AWUKHO umlingo otheni kwengikwenzayo ngaphandle kokulalela umqeqeshi nozakwethu abahlale njalo bengikhuthaza ukuba ngingalokothi ngijike endleleni okuyiyona engiyijwayele yokudlala.”
Lawa amazwi kaMonnapule Saleng, ophinde wakhanya njengesibani ngesikhathi iPirates ikhipha iMamelodi Sundowns kowandulela owamanqamu weMTN8, ngoMgqibelo ePeter Mokaba Stadium.
USaleng (24) usematheni kulezi zinsuku kwazise uyena obukeka eyimpendulo ezinkingeni zokugqoza kwamagoli ebezibikwa kwiPirates engelinye lamaqembu abukeka eqine cishe kunawo wonke kule sizini.
Lo mdlali oqhamuka ngasezimpondweni, ushayele iPirates amagoli amabili ngesikhathi inqoba kwiLamontville Golden Arrows ngo-2-0 ngaphambi kwalo mdlalo obungoMgqibelo.
Kube uyena lo mdlali obebolekiswe kwiSwallows FC ngesizini edlule, oshukumise inkundla okokuqala ngesikhathi eshiya phansi ngomjiko nejubane, u-Aubrey Modiba weSundowns, endleleni yakhe eyokwakhela, uKermit Erasmus, igoli lokuqala.
Elesibili nelesithathu ashaywe uyena uSaleng, kwelinye lawo eshiya esinye sezitobha ezihlonishwayo kuleli uRushine De Reuck, ekhuma utshani.
USaleng ube eseqokwa njengomdlali ovelele kulo mdlalo kwazise ubegqame kuwona kusukela nakowomlenze wokuqala nakhona la azifaka khona ezinhliziyweni zabalandeli bePirates ngokugingqa isithenjwa seSundowns esiwumdlali wakudala wePirates, u-Andile Jali.
“Ngiyabonga kuMdali ngethalente angiphe lona futhi kungenza ngiziwe ngikhethekile ukuthi ngaleli thalente ngikwazi ukujabulisa ngalo abalandeli bePirates.
“Kusobala ukuthi abaqeqeshi nozakwethu kukhona abakubonayo kimina ngakho-ke bahlale njalo beshintshana ngami bengikhuthaza sakungihlohla ukuthi ngingalokothi ngiyiyeke indlela engilidlala ngayo ibhola. Kukhona abakuthandayo abakubona esitayeleni sami,” kusho yena.
Ukubonana kahle okuqapheleke emidlalweni yakamuva kukaSaleng no-Erasmus, kuzokwenza abalandeli bePirates baye kwimpelasonto ezayo benokuzethemba njengoba beyobhekana nezimbangi zabo ezinkulu iKaizer Chiefs kowomkhaya baseSoweto. Lo mdlalo weDStv Premiership ungoMgqibelo eFNB Stadium, ngo-3.30 ntambama.
UManqoba Mngqithi omunye wabaqeqeshi beSundowns, uhlulekile wukuzibamba, wamncoma uSaleng.
"Kwesinye isikhathi kufanele sikwamukele ukuthi ifomu yomdlali iyona ebe nomthelela ekutheni iPirates ibe nomdlandla yonke. Udlala kahle kulezi zinsuku uSaleng futhi akukho okunye esingakwenza ngaphandle kokumncoma," kusho uMngqithi esithangamini nabezindaba.