Orlando Pirates (1) 3
Kaizer Chiefs (2) 2
I-ORLANDO Pirates iphinde yakhonya kwiKaizer Chiefs inqoba kowomkhaya baseSoweto iyiguqisa ngo 3-2 koweDStv Premiership, eFNB Stadium, eNasrec, ngoMgqibelo ntambama.
Okuqaphelekile esikimini seChiefs esiqale umdlalo, ukuboshelwa kukaMduduzi Mdantsane obese kunesikhathi engayiqali imidlalo. Lo mdlali uke waba manamanyambane eqenjini esolwa ngokungaziphathi kahle.
IChiefs ikhombise zibekwa nje ebhandeni ukuthi ifuna ukushesha ithole igoli kulo mdlalo, uPule Moodi ecishe evula ngegoli ngomzuzu wokuqala umdlalo uqalile, ngemuva kwebhola abelibekelwe wuChristian Saile.
Akuphelanga mizuzu mingaki u-Ashley Du Preez wayenza indaba ngomzuzu wesihlanu phakathi igoli ngemuva kokuthola intuba egadwe yizitobha zePirates kwaba ngu 1-0.
Ukungenelwa yigoli kuqala umdlalo kuyivuse emaqandeni iPirates njengoba ihlasele ngamandla ifuna elokulinganisa.
URelebohile Mofokeng obewuhlupho ezitobheni zeChiefs, ukhethe amadoda waze wangena ngaphakathi ebhokisini, washaya isithende esihlangane noPatrick Maswanganyi ohlulwe ngunozinti weChiefs, uBruce Bvuma, ngomzuzu ka-10 esebhekene naye.
Ngomzuzu ka-15 uZitha Kwinika weChiefs ususe umhlola ekhaya sekonakele uMaswanganyi eseqede amadoda ngaphakathi ebhokisini.
Ukucindezela kwePirates kugcine kuyitholele umvuzo ngomzuzu ka-23 uMonapule "Mkhuthuzi" Saleng evalela phakathi ibhola abelibekelwe wuTshegofatso Mabaso.
Kuthe sekusele imizuzu embalwa ziye ekhefini uDu Preez waphinda waba yiqhawe eshayela iChiefs igoli lesibili ngomzuzu ka-43 ngemuva kwebhola abelibekelwe uMmodi, kwaba ngu 2-1.
Emizuzwini embalwa zibuye ekhefini iPirates ithole elokulinganisa uThabiso Lebitso ededela umbayimbayi engaphandle kwebhokisi, walizwa ngendaba uBvuma ngomzuzu ka-57.
Ukuqhubeka kweBucs nokucindezela kuphinde kwathela izithelo uSaleng eba yiqhawe eshayela ezakhe igoli lesibili kulo mdlalo ngomzuzu ka-67.
Ukunqoba kweZimnyama lo mdlalo wabakhaya baseSoweto, kusho ukuqhubeka nokukhonya kwazo phezu kweZimpofana njengoba nasemzuliswaneni wokuqala kwanqoba zona eZimnyama ngo 1-0.
Ngalo mphumela umqeqeshi wePirates, uJose Riveiro, ube umqeqeshi wesibili weZimnyama ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL), ukunqoba iChiefs kuyona yomibili imizuliswano yeligi ngesizini eyodwa. Lokhu kwakugcine ukwenziwa uRuud Krol ngesizini ka-2008/2009.