Moroka Swallows (0) 0
Kaizer Chiefs (0) 1
I-KAIZER Chiefs ingene enkundleni igubezelwe imibiko engemihle neveza izinkinga ekomkhulu layo eNaturena njengoba kubikwe ukuthi ukaputeni wayo nomakadebona kanozinti, u-Itumeleng Khune, uzoqondiswa ubugwegwe njengoba esolwa ngokufika ejimini ethinte izinkamba zikaFaro.
Ngaphezu kwalokho, kubikwe ukuthi kukhona ukungezwani phakathi kwabadlali abansundu nalabo abangamakhaladi.
Ngaphambi kokuqala komdlalo wayo neMoroka Swallows ngeSonto, eDobsonville Stadium, iChiefs ikhiphe udaba kwi-website yeqembu, iveza izinguquko ezenziwe umqeqeshi, uCavin Johsnson, kulo mdlalo weDStv Premiership.
UKhune imibiko yabezindaba eveze ukuthi umisiwe eqenjini ngesenzo sakhe kuze kube uvela ekomitini ngoLwesibili (kusasa), ubalwe kubadlali abangekho ngoba belimele, okuhlanganisa uKeagan Dolly noThatayaone Ditlhokwe.
Kulo mdlalo iChiefs inqobe seliyoshona. Kufana nokuthi ibizithoba amanxeba hleze nabalandeli bayo bazoke bakwazi ukuveza elomhlathi njengoba kwakuyiwe ekhefini leFifa, ihlulwe i-Orlando Pirates ngo 1-0 khona koweligi.
Igoli elisize iChiefs yabuya namaphuzu agcwele lishaywe nguChristian Saile ngasekupheleni kwesiwombe sesibili, sekubukeka sengathi la maqembu azocazelana amaphuzu.
Indawo kaKhune emapalini ithathwe uBruce Bvuma, othole ithuba lokuqala lokudlala kule sizini. UBrandon Peterson ubesebhentshini. Yena wayesuswe ezintini ngemuva kokwenza inqwaba yamaphutha abegcina ngokudlisela iqembu.
Osokhaya iSwallows ibona abangene enkundleni besefomini engcono kwazise bese benqobe emithathu, badlala ngokulingana kabili, kwemihlanu yakamuva. Izivakashi bezinqobe emibili zathola isibhaxu kathathu.
Ithuba lokuqala litholwe yizo Izinyoni ngomzuzu wesithupha nge-freekick enhle eshaywe nguGabadinho Mhango yashaya ipali, kubukeka sengathi ibisimdlile uBvuma.
Lo nozinti ubuye ngamandla wasebenza ngomzuzu ka-28 ephebeza ishodi elinzima ebeliqhamuka kuMhango ngemuva kokuthi uSifiso Hlanti eliqondise ngqo kuyena ibhola ebhokisini.
Kuze kwayiwa ekhefini Amakhosi engakwazanga ukushaya ibhola eliqonde kunozinti weSwallows, uDaniel Akpeyi. Uze wasebenza ngomzuzu ka-53 evimba ibhola ebelithunyelwe nguPule Mmodi, obetholwe nguNkosingiphile Ngcobo ngakwesokudla ebhokisini.
Womabili amaqembu enze izinguquko phambili ezama ukuthola amagoli. Umqeqeshi weSwallows, uSteve Komphela, ukhiphe uMhango wafaka uDumisani Zuma, owake wagijima kwiChiefs phambilini.
Ngasohlangothini lwaMakhosi, uJohnson ufake uJasond Gonzalez endaweni kaRanga Chivaviro, obengaxhumani kahle noMmodi benoSaile phambili.
UZuma ocishe wawenza kuqala umehluko ngomzuzu ka-76 nge-freekick edlule eceleni kwepali.
Ngomzuzu ka-76 uSaile uqale umnyakazo omuhle egudla ngakwesokudla ngaphambi kokugoba ibhola elithole uMmodi engamakiwe ebhokisini. Uhlulekile ukuligcwalisa ngokwanele ishodi lakhe, lavinjwa nguPhillips ngakulayini selidlulile ku-Akpeyi.
USaile ugcine ebajabulisile abalandeli beChiefs ngomzuzu ka-82 elibeka phakathi eseduze kulandela ibhola aliphakelwe nguYusuf Maart.
EzikaKomphela sezizobhekana ne-Pirates ekuhambeni emdlalweni olandelayo ngoDisemba 5. IChiefs izoya kwiPolokwane City ekuhambeni ngoDisemba 9.