UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, wale waphetha ukuphawula kwabezindaba ngezinsolo zokufika ejimini kwabadlali ababili baleli qembu bedakiwe.
Ngasekupheleni kwaleli sonto kusabalale izinsolo zokuthi umdlali wasesiswini kuleli qembu, u-Andile Jali, ufike endaweni yokuziqeqesha yaleli qembu eseChloorkop, eGoli, ebukhile.
OkukaJali obuye agqoke ibhande likakaputeni, kubikwa ukuthi kwenzeke ngoLwesithathu olwedlule ngenkathi leli qembu lilungiselela umdlalo walo wasekuhambeni ne-Al Ahly weCaf Champions League, odlalwe ngoMgqibelo odlule.
Kanti ngaphambi kwalokho bekwenzeke esifanayo nakuSipho Mbule, emasontweni amabili edlule, naye kuvela ukuthi wafika ebudlonyile, kwaze kwaphoqeleka ukuba acelwe ukuba abuyele ekhaya.
Nokho, asikho isitatimende ebesisakhishwe yileli qembu ngokuziphatha kwalaba badlali. Ukuwuhlaba inhlali kweqembu kuholele ekutheni izintatheli zimbuze umqeqeshi walo emuva komdlalo wangoLwesine weNedbank Cup Last 16 onqotshwe yiSundowns ngo 3-1 ishaya iMarumo Gallants.
“Uma nifuna izindaba ezimbi kimi ngabadlali bami, anginazo. Angisoze ngakhuluma kabi ngabadlali bami, angisoze mpela mpela ngakho-ke angiphawuli lutho kulokhu enikubuzayo,” kusho uMokwena etshela izintatheli.
Ukuziphatha kukaJali kubukeka kuyikho kanye okuholele ekushiyweni kwakhe yileli qembu esikwatini ebeselibhekise eCairo, e-Egypt ngeledlule ukuyodlala ne-Al Ahly.
Kanti ubengabonwa nangokhalo nasemdlalweni wangoLwesine weNedbank Cup neGallants, okuqinisa izinsolo zokuziphatha kwakhe budlabha.
Ngesifanayo nakuMbule owagcina ukubonakala ngoFebhuwari 7 emdlalweni weNedbank Cup Last 32 neRichards Bay FC lapho ashaya khona into ecokeme eqokwa njengomdlali ovelele ezakhe zinqoba ngo 3-2.
UMbule osayine inkontileka yeminyaka emithathu nalezi zingqungqulu zaseTshwane, ngaphambi kokuqala kwale sizini, ubevele ebatshazwa ngokuhluleka ukuziphatha naseqenjini lakhe elidala iSuperSport United, phezu kwekhono lakhe elingangatshazwa enkundleni.
Kanti ngasohlangothini lukaJali, lezi zinsolo zokuziphatha kwakhe zibukeka sezilenza mfiliba kakhulu kunakuqala ikusasa lakhe eChloorkop, kwazise izingxoxo zokuvuselela inkontileka yakhe naleli qembu sezidonse isikhathi eside kungacaci ukuthi iyavuselelwa yini inkontileka yakhe noma cha.
IDowns esisalelwe yimidlalo embalwa igcotshwe ngokusemthethweni njengompetha beDStv Premiership, ibuyela ensimini ngomdlalo weligi neStellenbosch FC, eDanie Craven, eStellenbosch ngeSonto ntambama.
Ngemuva kwalo mdlalo izodlala ne-Al Ahly kowomlenze wesibili wesigaba sokugcina samaqoqo kwiChampions League, eLoftus Versfeld Stadium, eTshwane, ngoMgqibelo ozayo.