UZISHAYA isifuba ngabadlali bakhe umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, oveze ukuthi ngaphambi kokuguqisa iCape Town City ngo-2-1 emdlalweni weDStv Premiership, ngempelasonto edlule, ubazi ukuthi abafana bakhe bazodlala ingcwenga yebhola.
Lo mqeqeshi waseVigo, eSpain, uhleka yedwa kulezi zinsuku njengoba iqembu lakhe linqobe imidlalo eyisishiyagalombili kulandelana.
OweCity bewungowesithupha kwiligi iPirates inqoba kulandelana. Inqobe nemibili yeNedbank Cup.
EZimnyama zinethuba lokuya kwiCaf Champions League njengoba zisemaqenjini amathathu aphezulu. Zinamaphuzu awu-46 emidlalweni ewu-26.
Ngaphezu kwalokho zingase ziqede le sizini zinezinkomishi ezimbili ekhabetheni lazo. NgoDisemba wanyakenye zinqobe eyeMTN 8 kanti ngoMeyi 6 zizobhekana nomkhaya bazo, iKaizer Chiefs kowandulela owanqamu eNedbank Cup.
Usechichima injabulo nje uRiveiro, ngasekuqaleni namaphakathi nesizini ubekhala ngokulinyalelwa abadlali, ukuhlulwa ngamathuba amagoli kwabadlali bakhe namaphutha odongeni lwasemuva.
Kule midlalo eyisishiyagalombili iPirates eyinqobe kulandelana ikwaze ukushaya amagoli awu-14, yangenelwa amane kuphela. Kwiligi ilandela iMamelodi Sundowns ngokunqoba imidlalo eminingi. Iwu-14 bese iba u-19 kubafana baseChloorkop.
Ebuzwa uRiviero ukuthi uzizwa kanjani njengoba esethubeni lokuqeda endaweni yesibili nokunqoba inkomishi yesibili, uphendule ngokuzethemba wathi uzizwa ebhekene nenselelo emnandi.
"Kuwo wonke amasizini ngifuna ukuzithola ngilwela izinto ezibalulekile ezifana nokunqoba izinkomishi. Sifuna ukuqhubeka nokudlala ingcwenga yebhola kuze kube sekugcineni. Ukhiye wakho konke ukuba nabadlali abakulungele ukubhekana nenselelo. Sinabadlali abahle kuzozonke izindawo,“ kusho uRiviero.
Eqhuba uthe ngaphambi kokubhekana neCity ubazi ukuthi iqembu lakhe lizodlala kahle.
"Empeleni ngaphambi kokuthi sidlale neCape Town City bengazi ukuthi abafana bami bazodlala kahle. Ngibazi njengoba ngizazi laba badlali, ngibabuka nsuku zonke. Bangenza ngizizwe ngikhethekile. Ukuqhubeka nokunqoba kwenza nokuthi kungazweli ukucinana kwemidlalo yethu. Siya ngasekugcineni kwesizini sinokuzethemba futhi siqinile.“
Ubuye wathi phansi amaphaphu ngoThembinkosi Lorch okubikwe ukuthi uphinde walimala ngaphambi koweCity.
Kubikwa ukuthi ulimale ngenhla kwethanga (hip) ezilolonga maphakathi nesonto.
Kuzokhumbuleka ukuthi lesi silomo sike sahlala isikhathi eside singadlali ngenxa yokulimala.
Size sabuyela ensimini ngoFebhuwari 11, Ezimnyama ziishaya i-All Stars kwi-Last 16 Nedbank Cup.
Umgqigqo waso bese uqala ukubuya njengoba sikwabalime indima empumelelweni yakamuva.
"Angithandi ukukhuluma ngomdlali ngayedwana kodwa-ke akonakele. Kube umhuzukwana owenzeke sekusondele umdlalo. Sethemba ukuthi sizombona maduze. Siyajabula ukuthi ukuthokozele ukudlala kweyakamuva," kusho uRiveiro.
NgeSonto eZimnyama zizovakashela iTS Galaxy, eMbombela Stadium koweligi.