UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, uzishaya isifuba ngokungaxhamazeli ngesikhathi iqembu liphikwa yimiphumela kulandelana emidlalweni yeDStv Premiership.
Kuke kwakubi kwiPirates sekubuywa ekhefini ebelidalwe yi-2022 Fifa World Cup ebiseQatar, nyakenye.
Nokho sekuntwela ezansi kulo mqeqeshi waseSpain, kwazise iPirates inqobe umdlalo wesithathu weligi kulandelana ishovela phansi iMarumo Gallants eyihlule ngo-2-0 ngoMgqibelo.
Kulo mdlalo obuseRoyal Bafokeng Sports Palace, ePhokeng, inkundla ivulwe nguMonnapule Saleng, yavalwa nguNdabayithethwa Ndlondlo ngephenathi.
“Ngineme ngokuthi angizange ngixhamazele ngezikhathi zobunzima yize ngingeke ngikufihle ukuthi kwesinye isikhati bekungishiya ngicasukile ukungaqondi ukuthi kungani siphikwa yimiphumela namagoli,” kusho uRiveiro kwabezindaba.
IBucs okuqale isizini ibalwa njengembangi enkulu yeMamelodi Sundowns empini yesicoco seligi, iwuqale kabi unyaka omusha (2023) kwazise ishaywe kwemibili kulandelana iqalwa yiyo belu iSundowns ngoDisemba 30, ekuhambeni.
Kusona sonke leso sikhathi uRiveiro, ubemile ekutheni uyakholelwa kulokhu abakwenzayo futhi nokugqoza kwamagoli kuzoshintsha njengoba sekushintshile.
Emidlalweni yePirates emithathu edlule, ayizange igcine ngokuqoqa amaphuzu ayisishiyagalolunye kepha iphinde yashaya namagoli ayisibalo esifanayo.
“Ebesigxile kukho wukuqinisekisa ukuthi abadlali abagudluki kulokhu ebesibatshela khona ngisho ngabe ibhadi belisilandele kangakanani,” kusho uRiveiro.
“Akukho okuningi esikwenzayo uma sizicijela imidlalo ngaphandle kokuhlela ngendlela yokuthi yithi esizokwakha amathuba amaningi kunesitha. Siyakwenza lokhu ngaso sonke isikhathi kodwa okungasho ukuthi kuyaphumelela njalo.
“Kulapho benginengeka khona kodwa ngibuye ngikhumbule ukuthi kuzosithatha isikhathi ukufika lapho sifuna khona.”
Nakuba evuma lo mqeqeshi ukuthi umdlalo ubunzima kodwa akawuvali umlomo ngabadlali bakhe ikakhulukazi abasesiswini.
“Besivele silindele umdlalo onzima kwiMarumo ngenxa yendawo ehleli kuyo kanjalo nohlobo lwabadlali ikakhulukazi basesiwini.
“Siyibambe ngqi iMarumo okuyinto engelula kodwa konke lokhu kwenzeke ngoba abadlali bethu basesiwini bebesemdlalweni namuhla uqala kwaze kwaba uyaphela,” kusho uRiveiro.
IPirates imelwe ngumqansa wokulungisa amaphutha kwazise izovakashelwa yiSundowns kolandelayo ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama, e-Orlando Stadium.