UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, uthi ukubhekana namaqembu adlala esigabeni esiphansi emizuliswaneni edlule yeNedbank Cup kubafundise ukuthi ngeke ube lula umdlalo wabo wama-quarterfinal neDondol Stars edlala kwiSafa ABC Motsepe League eGauteng.
La maqembu azodudulana ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, kusasa ntambama ngo-3 ntambama.
AmaBhakabhaka akhiphe i-All Stars FC edlala esigabeni sesibili, iMotsepe Foundation Championship, ngo-2-0 kwiLast 32. Aphinde ashaya iVenda Football Academy, ephuma esigabeni esifanayo, ngo-2-1 kwiLast 16.
Umdlalo naleli qembu laseVenda waya esikhathini esengeziwe ngemuva kokuthi la maqembu ebambene ngo-1-1 ekupheleni kwemizuzu engu-90. Ezimnyama zagcina ziwezwe yigoli elashaywa nguThembinkosi Lorch kunzima.
Zagcina ukuwashiswa ijezi yiqembu elisesigabeni esiphansi kule ndebe ngo-2013 lapho zathelwa phansi yiMaluti FET College ngehlazo lika-4-1.
URiveiro uthe le midlalo emibili abayidlalile kwiNedbank Cup ibakhombisile ukuthi akufanele balenze iphutha lokuwathatha kancane amaqembu aphuma kumaligi aphansi.
"Kuke kwaba nezikhathi emdlalweni neVenda lapho besidinga ukuqina khona ngemuva kokushaya igoli. Lezo yizikhathi ezibalulekile zomdlalo futhi kumele sithuthuke kulezo zimo. Akumele sililinde igoli lesibili kodwa kunalokho kufanele silwe, senze isiqiniseko sokuthi siyalithola,” kusho uRiveiro kwabezindaba izolo.
“Sibe novalo ngemuva kokuthi iVenda ishaye igoli lokulinganisa kodwa bekuyisikhathi esehlukile leso. Ngicabanga ukuthi kulokhu sesiqine kakhulu futhi siyazethemba, kumele sifunde kukho konke esesidlule kukho ndawonye.
"Sesidlule emidlalweni emibili enzima kulo mqhudelwano. Angicabangi ukuthi ukhona eqenjini lethu ocabanga ukuthi lo mdlalo uzoba lula futhi iyona nto ezosenza siqine kakhulu ngoMgqibelo."
Nakuba amaBhakabhaka esabhekene namaqembu asuka kumaligi aphansi, uhambo lweDondol Stars beluhlukile.
IDondol isibhekene namaqembu amabili aphuma esigabeni esiphezulu kulo mqhudelwano. Iguqise iSuperSport United ngo-2-1 kwiLast 32, yakhipha AmaZulu FC ngo-5-4 sekukhahlelwa amaphenathi kwiLast 16 ngemuva kokuthi umdlalo uphele zibambene ngo-1-1.
Kuyona yomibili le midlalo babuye sebelandela ngemuva. Omunye wabaqeqeshi baleli qembu, uVincent Rammoni, obambe izintambo noKhuliso Rashamushe, uthe le miphumela ngeke yenze bazikhukhumeze njengoba bezodlala nelinye lamaqembu ahamba phambili kuleli.
“Sijabule kakhulu ngokuthhi siseyingxenye yalo mqhudelwano, ngokufika kuleli zinga. Bengingazi ukuthi siyiqembu lokuqala eliphuma esigabeni esiphansi ukwehlula amaqembu amabili ePremiership emizuliswaneni emibili yokuqala,” kusho uRammoni.
"SiseyiDondol FC efanayo nale eqale iNedbank Cup, siseyilelo qembu eliphuma esigabeni sesithathu ebholeni laseNingizimu Afrika. Sisathobekile futhi sizimisele ngokufunda kwi-Orlando Pirates njengoba sesifunde lukhulu kwiSuperSport United nakuMaZulu FC phambilini.
“Thina njengeqembu, abaqeqeshi kanye nabadlali siyazi ukuthi kungani sikulesi sigaba futhi siyakwazi ebesikwenza ngasese nezinto okumele siqhubeke nokuzenza. Siwubheke ngabomvu umdlalo wangoMgqibelo nelinye lamaqembu amakhulu eNingizimu Afrika.”
IDondol isesicongweni kwiligi yaseGauteng kanti emdlalweni wokugcina iguqise iLeruma United ngo-1-0.
AmaBhakabhaka asendaweni yesibili kwiDStv Premiership lapho egcine ethele phansi khona iChippa United ngo-2-0 ngempelasonto edlule.
Imi kanje seyiyonke eyama-qaurter final eNedbank Cup:
Kusasa - Ngo-3pm:
Dondol v Pirates (Peter Mokaba).
NgoMgqibelo - Ngo-6pm:
Stellenbosch v Sundowns, ( Athlone).
NgeSonto - Ngo-3pm:
Chippa v Sekhukhune (Nelson Mandela Bay).
NgeSonto - Ngo-6pm:
Royal v Chiefs, (Chatsworth).