UVIKELA abagadli bakhe umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, abashaye into ephansi kwiCarling Black Label Cup ngempelasonto edlule.
EZimnyama zithelwe ngehlazo lika-4-0 yiMamelodi Sundowns kowamanqamu alo mqhudelwano eFNB Stadium. Zifinyelele kowamanqamu emuva kokwehlula iKaizer Chiefs sekushaywa amaphenathi.
Emidlalweni emibili yosuku, iPirates ayishayanga nelokubika igoli njengoba umdlalo wayo neChiefs uphele ngo-0-0. Empeleni yiSundowns kuphela eshaye inethi emaqenjini amane adlale kwiCarling. Igcine ivalele phakathi ayisikhombisa. Iqale yehlula AmaZulu FC ngo-3-0.
Ukuhluleka ukushaya amagoli kwePirates kuyibeka obala inkinga yabagadli ebhekene noRiveiro selokhu efikile kuleli qembu. Abagadli bePirates nguKermit Erasmus, Evidence Makgopa, Eva Nga, Zakhele Lepasa noKwane Peprah. IPirates isashaye amagoli ayisishiyagalolunye emidlalweni ewu-13 kwiDStv Premiership.
"Imidlalo emibili esiyidlalile kade ihlukene kakhulu. Emdlalweni wokuqala kade siliphethe ibhola esikhathini esiningi, sibhekene neqembu elihlezi emuva. Bekuyithina obekufanele sihlasele. Belihleli kithina ibhola kodwa sihlulekile ukwakha amathuba esingakwazi ukubehlulela ngawo abagadli," kusho uRiveiro.
"Emdlalweni wesibili, bekuhluke kakhulu. Besazi ukuthi kuzoba nezimo, ikakhulukazi uma sidlala neqembu elifana neSundowns yilona elizophatha ibhola. Ngakho ukudlala kwabagadli kade kuhluke kakhulu. Sibacele ukuthi benze izinto ezihlukene. Umsebenzi wami wukucubungula izinhlaka ezahlukene ngokwezimo, hhayi ngoba siphinde sahluleka ukushaya amagoli. Umsebenzi wokushaya amagoli ngowabadlali bonke ngaphandle kukanozinti."
URiveiro ukhuluma kanjena nje, iPirates ishaye iSundowns ngo-3-0 kowandulela owamanqamu weMTN8.
Isizini yeDStv Premiership ivalelwe umqhudelwano weNdebe yoMhlaba ozoqala ngempelasonto. EZimnyama, ezisanda kuwina indebe yeMTN8, zisawine imidlalo eyisihlanu kwengu-13 yeligi. Zizobuyela enkundleni ngoDisemba 31 uma sezivakashela iSundowns eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.
UReviero uthe ufuna iqembu lidlale kangcono uma kubuywa ekhefini.
"Ngifuna sidlale kangcono. Sidinga ukuba ngcono kuzona zonke izindawo, kuzona zonke izimo, uma iqembu esidlala nalo lisicindezela noma lihlezi emuva. Sekuphele izinyanga ezine nginaleli qembu. Ngicabanga ukuthi siyiqembu elingcono kunasezinyangeni ezine ezedlule. Ikusasa lizoba lihle. Okwamanje siyophumula, sichithe isikhathi nemindeni yethu ngaphambi kokubuya sizodlala futhi neSundowns ngoDisemba 31. Sizoba singcono kakhulu," kusho uRiveiro.