AKASIBONI isidingo sokuzixaka ngokwenziwa amaqembu ambangisa indawo yesibili kwiDStv Premiership umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ufake amahhanisi ekuqinisekiseni ukuthi umgqigqo abahamba ngawo abawudedeli kuze kuphele isizini.
Lokhu uRiveiro ukutshele abezindaba kulandela ukuqhubeka kwePirates nemiphumela emihle ngesikhathi esikahle njengoba inenebule iRoyal AM ngo 4-0 koweligi ngeSonto eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
IPirates ebambe indawo yesithathu inciphise igebe laba elamaphuzu amathathu phakathi kwayo neStellenbosch esendaweni yesibili ngamaphuzu awu-46.
Iqembu elizoqeda endaweni yesibili lizohamba neMamelodi Sundowns ezihola phambili ukuyodlala kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.
Elisendaweni yesithathu lizodlala kwiCaf Confederation Cup. URiveiro usekusho kaningi ukuthi umqhudelwano awubhekile yiChampions League.
Emuva komdlalo uRiveiro uzwakalise injabulo ngendlela iqembu lakhe elidlale ngayo esiwombeni sesibili, hhayi kwesokuqala.
“Sisidlale kahle isiwombe sesibili yize umphumela ungenza umuntu ongawubonanga umdlalo azitshele ukuthi besizidlela amahlanga.
“Injabulo yethu kumele iphele namuhla (esho ngeSonto) ngoba umdlalo waseKapa usimele,” kusho uRiveiro.
EZimnyama zizovakashela iCape Town City ngoLwesithathu ngo-3 ntambama, eDHL Cape Town Stadium.
URiveiro ubuziwe ngomgqigqo omuhle weStellies ebamise kabi endaweni yesibili, uphendule wathi:
“Uma sizimisele ngokuthola lokhu esiphupha ngakho, kumele sikhohlwe ngokwenziwa izitha zethu kepha sigxile kokumele kwenziwe yithina.
“Sisesimweni esithi asifane nebesikusona ekupheleni kwesizini edlule lapho zonke izinto zethu bezihlangana khona ngisho singadlalanga kahle.
“Okufanele sikwenze ukubambelela kulowo mgqigqo kuze kuphele isizini, okuyilapho sizohlala khona phansi sicubungule ukuthi ngabe u-2023/2024 ubey impumelelo noma cha.”
IStellies naye inomdlalo kusasa neLamontville Golden Arrows eDanie Craven ngo-5.30 ntambama.
Khonamanjalo iPirates ikhiphe isitatimende ngokulimala kukaThabiso Lebitso ongawuqedanga umdlalo wabo neRoyal AM.
Kuthiwe uLibitso ushayeke kabi ithambo elihlanganisa isiphanga nesifuba okuzodinga ukuhlinzwa.
Umdlalo ugcine uqedelwa uThabiso Monyane okungenzeka uRiveiro aqhubeke naye nasemidlalweni ezayo.