ISIZATHU sokuthi isitobha u-Olisa Ndah noMonnapule Saleng bangabonakali emdlalweni wangempelasonto wukuthi balimele, hhayi ngoba bebephunyuzwa ngaphambi kowamanqamu weMTN8.
Lokhu kushiwo ngumqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ngesikhathi ebuzwa ukuthi kungani laba badlali bebengekho ngesikhathi ezikaMagebhula ziguqisa iRichards Bay ngo 1-0 kowe-Betway Premiership eKing Zwelithini Stadium ngeSonto ntambama.
USaleng wakhishwa ngomzuzu ka-59 ngesikhathi Ezimnyama zixebula iPolokwane City ngo 3-0 ngesonto eledlule, kwathi uNdah naye washintshwa ngomzuzu ka-84.
EzikaRiveiro sizethubeni lokuqopha omunye umlando ngokunqoba iMTN8 amahlanda amathathu elandelana njengoba zizobhekana ne-Stellenbosch FC kowamanqamu eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo, ngo-6 ntambama.
“Uma ukhumbula emdlalweni wethu nePolokwane City, bobabili laba badlali bakhishwa ngenxa yokulimala ngezindlela ezehlukene. Yingakho bengadlalanga kulo mdlalo. Bebengakulungele ukudlala futhi asinaso isiqiniseko sokuthi bazokwazi ukudlala kowamanqamu,” uchaze kanje uRiveiro.
“Akukho mdlali esimphumuzile ngoba yonke imidlalo yethu siyithatha njengeyamanqamu. IRichards Bay siyihlonipha ngendlela efanayo nale esizohlonipha ngayo iStellenbosch FC kowamanqamu. Iyona ndlela esifuna ukwenza ngayo izinto, akukho mdlali esizomongela umdlalo othize.”
IPirates neMamelodi Sundowns yiwona womabili amaqembu angakalahli maphuzu kwiligi kule sizini. Kumasizini amabili edlule, iqembu likaRiveiro lacosha amaphuzu amane emidlalweni emithathu yokuvula isizini, njengoba manje selinayisishiyagalolunye.
Lo mqeqeshi odabuka eSpain, uthe kuyamjabulisa ukubona iqembu lakhe lenza kahle kwiligi ekubeni bese lithathwa njengeqembu elivutha emiqhudelwaneni yomkhumulajezi.
“Sisodwa kuphela isizathu sokuzithola kulesi simo esikuso njengamanje. Okusemqoka kakhulu wukuthi sonke siyazi ukuthi kunzima kangakanani nokuthi kufanele sizidele kangakanani masonto onke,” kusho uRiveiro.
“Yinto esifuna ukuyivikela. Asifuni ukuthatha enye indlela ebheke eceleni. Siyazi ukuthi kungani sithola imiphumela emihle futhi asifuni ukulahlekelwa umfutho. Umthwalo wethu manje wukuthi sizinakekele, sisebenze kanzima, sizithobe, sazi ukuthi ngesikhathi uma sike sacabanga ukuthi umdlalo uzoba lula sizohluleka ukuthola umphumela omuhle.”