AKASIBONI isidingo sezintshumayelo zokukhumbuza abadlali bakhe ngobumqoka bokungazikhukhumezi umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, obekhuluma ngaphambi kokwamukela iMagesi FC kowe-Last 16 yeCarling Knockout ngo-3 ntambama, e-Orlando Stadium, eSoweto.
IPirates esanda kusithatha okwesithathu kulandelana isicoco seMTN8, isiphenduke izingqongqo kweyezinkomishi ebholeni laseNingizimu Afrika kusukela kufike lo mqeqeshi waseSpain.
Esithangamini nabezindaba izolo eGoli uRiveiro ubuzwe ngakwenzayo ukugwema ukuthi abadlali bakhe bawuthathe kancane oweMagesi ngenxa yesithunzi sePirates kweyezinkomishi.
“Iqembu esilimele liyasiphoqa ukuba sihlale siyilungele imidlalo yezinkomishi okufakazelwa ukuthi ezinyangeni ezimbili ezedlule nohhafu sesidlale eyemiqhudelwano emqoka emine,” kusho uRiveiro.
“Akuyona into ezoqala manje ukuqinisekisa ukuthi abadlali basesimweni esifanele ngaphambi komdlalo kepha lokhu kuyisiko lePirates.
“Kule sizini asifuni ngisho ukubheka ukuthi imuphi umqhudelwano esidlala kuwona kepha sihlele ukufaka umfutho ofanayo kuyona yonke imidlalo.
“Okuhle ngeCarling ukuthi izodlala ngesikhathi siqhubeka kweyeligi nakwiCaf Champions League ngakho-ke ngeke kubelula ukudedela umgqigqo esiqale ngawo isizini.
“Kuyinhloso yethu ukuhamba ibanga elide kwiCarling,” kusho yena.
Nakuba kunabadlali bePirates abalimele, njengo-Olisah Ndah nokaputeni uThapelo Xoki, uRiveiro weneme ngesikwati sakhe.
“Sizwelana nabalimele kodwa lokhu akusho ukuthi inqola sekufanele ime ngoba nalaba abadlalayo bathola ithuba lokudlala elibafanele.
“Nganelisekile ngabadlali abangavala izikhala uma kudingeka,” kusho uRiveiro ejobelela ngokuthi ikhanda elimphethe elokuthi uzofaka bani ashiye bani ngaphandle.
Lo mqeqeshi usebenzise ithuba wakhuza abezindaba ngengozi yokusetshenziswa abagxeka abadlali ezinkundleni zokuxhumana.
URiveiro ukusho lokhu ngokugxekwa kwakamuva, kukaPatrick Maswanganyi, ongene endaweni kaThemba Zwane, ngesikhathi elimala koweBafana Bafana wakamuva.
UMaswanganyi ufike kwiPirates kwazwakala okufakazelwa imiklomelo emikhulu ehamba ngayodwana ayiwole ngesikhathi iligi iklomelisa abenze kahle ngesizini edlule.
Lokhu kumsondeze nasesweni, likaHugo Broos, ongasamshiyi uma ehlanganisa isikwati.
Akanandaba nakho konke lokho uRiveiro ngoba ukholelwa ekutheni kwiPirates ziningi izinhlaka zokusiza abadlali ngezimo abasuke bebhekene nazo.
“Okuyingozi ukuthi abezindaba basetshenziswe abagxeka abadlali kodwa esingababoni,” kusho uRiveiro.