UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ucacise ngobekumenza ukuthi azibe iqhawe lomdlalo wabakhaya, uMonnapule Saleng, ongcwabe iKaizer Chiefs ngamagoli amabili kulo mdlalo weDStv Premiership ngoMgqibelo e-FNB Stadium, eSoweto.
IPirates ibuye amahlandla amabili kade ilandela emuva ngesikhathi inqoba ngo 3-2 kwiChiefs okube ubuqhawe bukaSaleng ngamagoli awashaye ngokwahlukana kweziwombe.
AweChiefs womabili eshaywe u-Ashley du Preez, kwathi, uThabiso Libitso, obedlala owokuqala wabakhaya kusukela efike kwiPirates esuka kwiChippa United, washaya elinye lamagoli asize iPirates yahlomula ngamaphuzu amathathu.
USaleng oqokwe njengePSL Players Player of the Season ngesizini edlule, akazange ayiqale kahle isizini ephezulu. Kunesikhathi lapho eke wahlala khona engabonakali kodwa kungenamibiko ekhomba ukuthi ulimele kumbe kukhona inkinga abhekene nayo.
Ushaya la magoli amabili nje, usenamane kwiligi emidlalweni ecela kwengu-20 okuyizinkomba ngokwehla kwefomu yakhe uma iqhathanisa neyanyakenye.
URiveiro utshele abezindaba abenesithangami nabo emuva komdlalo ukuthi wenelisekile ngendlela uSaleng azikhandla ngayo kodwa wakubalula ukuthi lo mdlali uke waba nezinkinga ezahlukene emzuliswaneni wokuqala wesizini.
“Ngesikhathi sekhefu le-Afcon ubengomunye wabadlali abasebenza ngokuzikhandla ukubedlula bonke kangangokuthi nakweyobungani ubehlale njalo egqamile,” kusho uRiveiro.
“Isiwombe sokuqala sesizini asizange sibemnandi kuSaleng ngenxa yezizathu eziningi okungelula ukuthi ngingazidalula kwabezindaba.
“Kwesinye isikhathi ijezi belimeqa ngoba inhloso kuwukuvulela abanye ithuba lokudlala njengakoweCrystal Lake kwiNedbank Cup.
“Udlale kahle koweSundowns yize umphumela usiphikile kodwa emuva kwalokhu uke wahlaselwa nawumkhuhlane okuyiwona ophinde wamqhelisa eqenjini ngesikhathi naye eseqala efudumala,” kulandisa uRiveiro sakubalisa.
URiveiro ufungile ukuthi uSaleng akuyena umdlali angavele amlaxaze kanjalo ngisho ngabe wehlelwe ifomu kangakanani ngoba uyalazi ithalente lakhe.
“Akukhombise kowabakhaya ukuthi kusemqoka kangakanani ukuthi siqhubeke nokumeseka ngisho ngabe ubhekene nani ngoba siyazi ukuthi uSaleng owumqemane uwusizo kangakanani kwiPirates,” kusho yena.
URiveiro uzishaya isifuba ngale wini yeqembu lakhe elibeke endaweni yesibili kwi-log.
“Engibajabulela kakhulu abalandeli ngoba bake bathola ithuba lokuzitika ngowabakhaya ovuthayo emuva kwesikhathi eside bekhala ngokugqoza kwamagoli okudalwa ukugadana kakhulu kwala maqembu esikhundleni sokudlala akhululeke.
“Ngineme ukuthi asale ngakithina amaphuzu kulo mdlalo ngoba ebengawela nanoma ingakuphi kwazise womabili amaqembu akhombise izimpawu zokudlalela ukunqoba.
“Ngixakekile sekukhona abajikijelayo ngoba engikubonile amaqembu amambili abezimisele ngokunqoba kodwa inhlanhla yaba ngakwiPirates,” kuphetha uRiveiro.