UCHAZEKILE umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ngendlela umdlali wabo omusha uNdabayithethwa Ndlondlo afike wangena ngayo khaxa esitayeleni sabo.
UNdlondlo ujoyine iPirates ngosuku lokugcina lwewindi lokusayiniswa kwabadlali kwiPremier Soccer League kanti ubonakale okokuqala edlubhe imibala yeZimnyama bebhekene neMamelodi Sundowns emlenzeni wokuqala kowandulela owamanqamu kwiMTN 8.
Lesi sikhwishikhwishi somdlali wasesiswini ebesigijima kwiMarumo Gallants, siqokwe njengomdlali ovelele wosuku kulo mdlalo ophele ngo 0-0 e-Orlando Stadium.
Kuzo zonke izindawo kuhlanganisa nasezinkundleni zokuxhumana iningi libabaza indlela abadlali beZimnyama abadlale ngayo.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesizini edlule iSundowns inqobe ngembudlu yamagoli kuyona yomibili imilenze yeDStv Premiership.
Omunye wabadlali abathathe amehlo eningi kube wuNdlondlo.
Ebuzwa uRiveiro ngokwenza kahle kukaNdlondlo ofike kweZimnyama noKermit Erasmus, uthe: "Ngiyambongela uNdlondlo udlale kahle kakhulu. Nakuba enqobe umklomelo wokuba wumdlali wosuku kodwa ngiwulolu hlobo lomqeqeshi elingakholelwa emiklomelweni yomdlali ngayedwana. Ngiyambongela, akuyona into yanoma ubani ukufika eqenjini elikhulu elifana nePirates bese udlala ngale ndlela. Wenze isiqiniseko sokuthi uyakwenza ebesikulindele kuyena. Ngesikhathi ngimbophela bengingenalo noluncane uvalo ngokuthi hleze abhede. Bengazi ukuthi uzokwenza kahle. Ngicabanga ukuthi kulo mdlalo uzitshengisile ukuthi ungomunye wabadlali bezinga eliphezulu kwiDStv Premiership. Uma engayibamba kanje uzoya kude. Nathi siyiPirates siyajabula ukuba nohlobo lomdlali ofana naye.“
URiveiro uthe okumchaza kakhulu ngebhola elidlalwa abafana bakhe ukuthi bayawakha amathuba kuyona yonke imidlalo
"Okubalulekile ukuthi iqembu libe nendlela eliyaziyo ukuthi lidlala ngayo. Ngicabanga ukuthi emdlalweni esiphuma kuwo bakwenzile engifuna bakujwayele. Ngokubona kwami esikhathini esingengakanani bazobe beyilento engiyifunayo," kusho yena.
Kusasa eZimnyama zizobuyela emidlalweni yeDStv Premiership neSekhukhune United, ePeter Mokaba Stadium ngo-5 ntambama. Umdlalo womlenze wesibili weMTN8 neSundowns uzoba ngo-Okthoba 22.