UFUNA bayolanda amandla koweChampions League, umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro njengoba belandela ngemuva kulo mqhudelwano weCaf osemzuliswaneni wesibili wokuhlungela amaqoqo.
URiveiro ukholwa wukuthi amandla okushaya into ecokeme kowamanqamu weMTN8 bazowathola ngokuphendula amatafula uma sebebhekene neJwaneng Galaxy yaseBotswana, emlenzeni wesibili wokuhlungela amaqoqo ngoLwesihlanu, e-Orlando Stadium, eSoweto, ngo-7.30 ebusuku.
EZimnyama zizongena enkundleni zilandela ngemuva ngo 1-0 eziwuthola ekuhambeni emasontweni amabili edlule.
IPirates yehlulwe yiStellenbosch ngo 1-0 kowomlenze wesibili kowandulela owamanqamu weMTN8 ngempelasonto kodwa yadlulela phambili ngomthetho wamagoli ashaywe ekuhambeni kwazise yawina ngo 2-1 eKapa. Isizobhekana neMamelodi Sundowns kowamanqamu ngo-Okthoba 7, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
URiveiro uthe kufanele bagxile koweJwaneng okwamanje ukugwema ukuphazamiseka.
"NgoLwesihlanu wumdlalo omkhulu. Sinethuba lokuya esigabeni samaqoqo seChampions League. Akubuzwa ukuthi kufanele sigxile lapho. Lokhu ngenye yezinto okufanele sizilawule kahle.
“Okungavimba leli qembu ekudlaleni kahle yiziphazamiso. Uma unemidlalo emikhulu ilandelana esikhathini esifishane, kujwayelekile ukuthi uthikamezeke. Selokhu siqalile ngesizini edlule, kancane kancane sidlala imidlalo emikhulu ngegiya eliphezulu. Kufanele kube wumkhuba ukudlala imidlalo emikhulu, ungayikhethi ngokuthi lona ubalulekile kunomunye. Ngokwami, wukuvuthwa lokho," kusho uRiveiro.
"Sonke siyawasho amagama amaqembu ase-Afrika nase-Europe akujwayele ukudlala owamanqamu awine kodwa aqhubeke nokuwina eminye imidlalo. Ngakho sigxile kwiJwaneng. Kuzoba nzima ngoba ihamba phambili ngo 1-0. Kodwa siyawuqonda umthwalo osihlalele. Umsebenzi wethu siyithimba labaqeqeshi wukwenza isiqiniseko sokuthi wonke umuntu ucabanga ngokubaluleka kwalo mdlalo.
“Emuva kwalokho, uma siphumelela ukudlulela esigabeni samaqoqo, sizothola umdlandla ozosisiza ukuyodlala owamanqamu. Uma sifuna ukuya kowamanqamu siqinile kunokwejwayelekile, kubalulekile ukuwina umdlalo wokuqala ngoLwesihlanu. Emuva kwalokho sizoqala ukulungiselela owamanqamu.“
EZimnyama zizodlala owamanqamu wesithathu kulandelana ngaphansi kukaRiveiro. Ngesizini edlule, zidle iMTN8 neNedbank Cup. Nokho sezihlulwe kathathu emidlalweni ilandelana okungoweChampions League, oweDStv Premiership (ishaywa iSundowns) nowe MTN8.
Mayelana nokubhekana neSundowns kowamanqamu, uthe: "Kuzoba wumdlalo omnandi. Kuningi womabili amaqembu afuna ukukukhombisa. Abantu bazoba nethuba lokubuka abadlali abangu-22 bebanga indebe. Ayikho ingcindezi. Kufanele sithole indlela yokubhekana nalo mdlalo. Sizobhekana neqembu elinzima. Nakulona kuzoba njalo.“