UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ukholwa wukuthi ezakhe zisadlala kahle futhi zizoyilungisa eyokushaya amagoli athe sekwenziwa ihaba ngayo ngemuva kokuba zibambane ngo 0-0 neRichards Bay FC koweDStv Premiership, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMgqibelo.
Nakuba esho kanje, uRiveiro kodwa ngenkathi ekhuluma nezintatheli ngemuva komdlalo kuhlale obala ukuthi lo mqeqeshi isiqala ukumcika eyokuphekwa ngemibuzo emayelana nokwehluleka kwezakhe ukubhakuzisa inethi emidlalweni yePremiership.
IPirates okuyiyona ebiphezulu ngomdlalo kuneRichards Bay bekufanele ngabe iwunqobile ngenxa yoqekelele bamathuba okuvalela phakathi amagoli atholwe ngabadlali bayo phambi kwamapali. Kunalokhu abagadli bayo bahluleke bancama ukubhakuzisa inethi, ikakhulukazi ngesiwombe sesibili ngemizuzu yokugcina.
Emidlalweni engu-11 yeligi iPirates isashaye amagoli angu-11 kuphela, okuyisibalo esiphansi kuleli qembu elihlezi endaweni yesishiyagalombili kwi-log.
Nokho, ngenkathi ebuzwa ngalokhu lo mqeqeshi, umane wakhombisa ukunengeka, akangaphendula umbuzo abebuzwe wona.
“Silikhahlelele kangaki ipali emizuzwini engu-90 kulo mdlalo (wangoMgqibelo) ?’’ kuphendula uRiveiro ngombuzo, ekhombisa ukunengwa ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo.
“Nina (bezindaba) nithanda ukuhlaziya amaphutha ethu, anihlaziyi imidlalo. Sidlala ngokulingana nithi sinenkinga yokushaya amagoli, sishaya amagoli amathathu nithi sidlala kahle, singenelwa amagoli amathathu nithi siyavuza emuva.
Kuningi esikwenza kahle, nakulo mdlalo nje ibhola lishaye ipali elinye elinzima lavinjwa ngunozinti kuyi-free kick (eshaywe wuThapelo Xoki) kodwa phezu kwakho konke lokho, nithi sikhungethwe yinkinga yokungashayi amagoli.”
IPirates inqobe imidlalo emibili yeligi okungewoSekhukhune United neKaizer Chiefs ngaphambi kwekhefu leFifa, uRiveiro ukholwa wukuthi ikhefu leFifa aliwuphazamisanga umgqigqo wayo.
“Ukuthola amaphuzu ayisikhombisa kwayisishiyagalolunye emidlalweni emithathu, ngeke sisho ukuthi iqembu alenzi kahle. Sisadlala kahle umdlalo nomdlalo esiwudlalayo uma singena enkundleni. Akukho okonakele. Angikhathazwa wukushoda kwamagoli, ngikhathazwa ukuthi eminye imidlalo asiyiqali kahle.”
EZimnyama zibuyela ensimini ngomdlalo womkhaya baseSoweto neMoroka Swallows ngoDisemba 5, e-Orlando Stadium, eSoweto.