UFONGQA isigqoko umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, uncenga abalandeli ukuthi beseke umgadli uTerrence Dzvukamanja, yize benelungelo lokugxeka uma kukhona abangakuboni kahle.
UDzvukamanja (28) ushaye igoli lakhe lokuqala kule sizini ngesikhathi amaBhakabhaka egingqa iLamontville Golden Arrows ngo-3-1 emdlalweni weDStv Premiership obuse-Orlando Stadium ngoMgqibelo ntambama.
Ungene ngesikhathi zibambene ngo-1-1, wavalela igoli elibeke eZimnyama phambili ngaphambi kokuthi uVincent Pule ahlohle elesithathu.
Lo mdlali odabuka eZimbabwe, ufike kwiPirates ekuqaleni kwesizini ka-2020/21 evela kwiBidvest Wits, washaya igoli elilodwa emidlalweni engu-15.
Ngesizini edlule, uhlulekile ukubhakuzisa inethi yize eqale imidlalo engu-10 yeligi wadlala engu-15 ephuma ebhentshini.
Lona bekuwumdlalo wakhe wesibili kule sizini njengoba ebekade egcine ukubonakala ngesikhathi bebambana neRichards Bay ngo-0-0 ngo-Okthoba, nyakenye.
Ngesikhathi efakwa endaweni kaDeon Hotto ngomzuzu ka-74 kulo mdlalo ne-Arrows, enye ingxenye yabalandeli bePirates abebesenkundleni, ikhombise ukungajabuli, yamuhhahhameza.
Kuke kwaba namahebezi okuthi angase aphinde ayodlala ngaphansi kukaGavin Hunt owayemqeqesha kwiWits, osecija iSuperSport United.
Nokho uRiveiro unxuse abalandeli ukuthi bameseke uma esenkundleni.
“Ngicabanga ukuthi uma sisesimeni esinzima sokuthi sibanjwe ngo-1-1 sidlalela ekhaya, singadlali kahle kangako kodwa sizama, sidinga ukuthi wonke umuntu asiphushe, aseseke,” kusho uRiveiro enkulumeni ayenze kwabezindaba ngemuva komdlalo.
“UTerence ungene enkundleni ezolwela iqembu futhi kungakuhle uma sonke singameseka futhi simethembe.
"Abalandeli banelungelo lokuveza abakuthandayo nabangakuthandi kodwa kungangcono kakhulu uma lokho kwenziwa ngemuva komdlalo.
“Sivumelekile ukuthi sisho ukuthi sijabulile noma asijabulile njengoba ngenza kwesinye isikhathi uma ngikhuluma nabadlali ngemuva komdlalo kodwa uma sisabheka igoli sidinga wonke umuntu ukuthi alwe nathi.”
URiveiro uncome uDzvukamanja, uPule nabanye abadlali abebesuka ebhentshini ngokusiza iqembu ukuthi liwathathe womathathu amaphuzu sekubukeka sengathi umdlalo uzophela zibambene.
La magoli amabili angene ngesikhathi esengeziwe, aqede irekhodi elibi lamaBhakabhaka lokuhluleka ukushaya igoli ngesiwombe sesibili kule sizini.
“Ngenxa yabadlali abaningi abasezingeni eliphezulu esinabo eqenjini, okuhlanganisa nabadlali baphambili, kunzima kakhulu kubadlali ukuthi bangene ohlwini lwabazoqala noma nje abangu-20 abazosetshenziswa emidlalweni," uchaze kanje lo mqeqeshi.
“Ngakho uma abadlali bekhona enkundleni kusho ukuthi benze kahle ngesikhathi sizilolonga phakathi nesonto, siyakholelwa kakhulu endleleni esizilolonga ngayo.
“Ngijabule kakhulu ngokuthi kwenzeke ubulungiswa, uTerrence wakwazi ukushaya igoli elizoba mqoka kakhulu eqenjini yize engamukelwanga kahle.
"Yingakho laba badlali beyingxenye yeqembu, silindele ukuthi bangene enkundleni benze konke okusemandleni abo. Sidinga ukubasiza futhi sibaseke. Ngicabanga ukuthi uTerrence nabanye abadlali abasuka ebhentshini benze umsebenzi oncomekayo.
"Ngihlabeke umxhwele ngokuthi uVincent noTerrence baphume nomuzwa omuhle kulo mdlalo."
Ukushaya i-Arrows kushiye iPirates isendaweni yesihlanu kwi-log yeDStv Premiership ngamaphuzu angu-22 emidlalweni engu-16.
Umdlalo wabo olandelayo uzoba sekhaya neStellenbosch ngeSonto ntambama.