UKUQHUBEKA nokusebenza kanzima kuzomsiza ukuthi athuthuke abe ngomunye wabadlali abamqoka eqenjini uMohau Nkota ngokusho komqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro.
UNkota (19) uqale umdlalo okokuqala kweZimnyama ngesikhathi zithela phansi iSuperSport United ngo 2-0 emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesibili ebusuku.
Phambilini ubesedlale kabili esuka ebhentshini, koweligi neRichards Bay FC noweCarling Knockout neMagesi FC.
“Kungithokozise kakhulu ukubona uMohau enkundleni edlala ngesitayela sakhe. Ngicabanga ukuthi wonke umuntu ulitholile ithuba lokubona ukuthi ungumdlali onjani. Nguyena uNkota lo, konke akukhombise enkundeni nezinto ezinhle azenzile,” kusho uRiveiro kwabezindaba ngemuva komdlalo.
“Kusobala ukuthi ubeqala ukuqala umdlalo e-Orlando nokudlala imizuzu engu-65 kuleli zinga, ngakho kunezinto okusamele athuthuke kuzona.”
URiveiro uthe kusemqoka ukuthi uNkota nabanye abadlali abasebancane bangadembeseli njengoba sebekhushulelwe eqenjini elikhulu.
Omunye umdlali osemncane, uRelebohile Mofokeng (20), usephenduke enye yezinsika kwezikaMagebhula kusukela enyuselwe esikimini esikhulu kumasizini amabili edlule, wazitholela indawo eqenjini lesizwe, iBafana Bafana.
UNkota wazalelwa eKimberley, eNorthern Cape, wadlalela amaqembu asemazingeni aphansi ngaphambi kokuthathwa elincane lePirates elidlala kwiDStv Diski Challenge ngesizini ka-2021/22.
Udlala kwesokudla esiswini naphambili kodwa ukhahlela kakhulu ngonyawo lwangakwesokunxele . Useqalile ukudonsa amehlo abalandeli ngenxa yejubane lakhe nomjiko.
“Kubalulekile ukubona abadlali abasebasha bedlala ngokuzethemba. Ikusasa lisezandleni zabadlali abafana noNkota noRele. Okwabo ukuthi bahlale bethobekile futhi bazinakekele ukuze baqhubeke nokufunda ngoba kuningi okusamele bakufunde kulo mkhakha,” kusho lo mqeqeshi odabuka eSpain.
“Into enzima kakhulu kubadlali wukwenza isiqiniseko sokuthi bayakwazi ukudlala isikhathi eside. Baningi abadlali abafikile esigabeni esiphezulu kodwa manje sekuyisikhathi sokuthi basebenze kanzima ukuze baqhubekele phambili. Uma bengakwenzi lokho wonke amathuba abawatholile azophenduke ize.
“Ngimfisela okuhle kodwa (uNkota). Ungumuntu ozithobile futhi ozikhandla ngendlela eyisimanga. Njengoba ngishilo, ikusasa lakhe lisezandleni zakhe.”