UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ufisa ukuthi iwini yeqembu lakhe kwiTS Galaxy emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo, ibe isiqalo sokujika kwezinto yize besingamethusi kangako isomiso sokugqoza kwamagoli kubagadli bakhe kusukela kuqale isizini.
Kubuye intokozo kubalandeli bePirates ngesikhathi inqoba ngo-2-0 wamagoli kaZakhele Lepasa, awashaye esiwombeni sokuqala e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ntambama.
Le wini yehle kahle kuRiveiro kwazise iPirates ize kulo mdlalo isuka endukwini eyithole kungalindelekile kwiMaritzburg United ngeledlule. Ezimnyama beziqala kwiligi ukushaya amagoli amabili emdlalweni owodwa.
Yize iPirates ike yaqhwakela kwi-log ngenxa yalo mphumela kodwa iphinde yagudluzwa yiMamelodi Sundowns ehlule iLamontville Golden Arrows ngo-2-1 ngoMgqibelo ebusuku.
“Ngijabule futhi ngenelisekile ngendlela esikwenze ngayo konke obekufanele sikwenze kulo mdlalo futhi ngeke ngisifihle isifiso sami sokuthi lokhu kube yisiqalo sokuphela kwesomiso esihlasele kubagadli bethu,” kusho uRiveiro kwabezindaba.
“Iqiniso ukuthi sinabadlali abaseqophelweni eliphezulu kuyona yonke inkundla kodwa-ke okucacile ukuthi namuhla (ngoMgqibelo) bekuwusuku lukaLepasa. Nakuba abezindaba bebeyiqhakambisa indaba yokuba buthuntu kwabagadli bethu kodwa angikaze ngixhamazele ngalokhu. Angisho ukuthi sekuqondile kodwa nginethemba.
“Kusele kancane ukuthi kuhlangane ngoba konke esikuhlelayo, ngendlela esifuna ukushaya ngayo amagoli nabagadli, kukhomba ukuthi konke kusemgqeni.
“Ebholeni siyafika isikhathi salelo bhadi ongeke walichaza kodwa-ke nginethemba futhi ngiyakhuleka ukuthi lokhu okwenzeke namuhla kuzoqaqa lesi somiso esisihlasele kwasona engingenayo indlela yokusichaza,” kusho uRiveiro.
Amagoli ePirates kungashiwo ukuthi kube ngamaphutha eGalaxy, kwelokuqala ibhola lishaye umdlali walo lase liyongena enethini. Kwelesibili, unozinti uMlungisi Buthelezi uhlulwe wukukala ibhola eqhelile emapalini, uLepasa wameqisela layobhajwa enethini.
Yize umqeqeshi weGalaxy, uSead Ramavic, ebekhombisa izimpawu zokunengeka ngendlela onondweba abawuphathe ngayo umdlalo, uvumile ukuthi bashaywe elinye lamaqembu angcono kwiligi.
“Konke ebesikuhlelile kwenzeke ngendlela kodwa saba nebhadi ebelihambisana nendlela engajwayelekile yokuphathwa kwemidlalo,” kusho lo mqeqeshi ngemuva komdlalo.
“Okusemqoka ukubongela iPirates engelinye lamaqembu aseqhulwini kuleli. Sibaphe amagoli amabili alula kodwa-ke kungenzeka futhi ukuthi iyona iPirates eyenze ukuthi sidale lawo maphutha,” kusho yena.