UBENGALINDELE ukuthi iqembu lakhe lidinge amaphenathi ukuze lidlule kwiDondol Stars emdlalweni we-quarterfinal yeNedbank Cup umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro.
IPirates iwunqobe ngo-5-4 lo mdlalo obusePeter Mokaba Stadium, ngoMgqibelo ntambama. Ubuphele zibambene ngo-1-1.
UThembinkosi Lorch ubeke eZimnyama phambili ngesiwombe sesibili kodwa kudlule imizuzu emibili, uThabang Makungo wangqofela phakathi eleStars lokulinganisa.
Womabili la maqembu ahlulekile ukuphinde abhakuzise inethi ngemuva kwalokho umdlalo wgcina udlulele kumaphenathi.
“Bengizothile ebhentshini. Benginesiqiniseko sokuthi sizonqoba ngaphambi kwamaphenathi kodwa akwenzekanga kanjalo. Ngumdlalo webhola, kungenzeka noma yini. Ukube besidlala i-basketball, mhlawumbe besizowunqoba lo mdlalo ngamaphuzu angu-30 noma angu-40 ngenxa yamathuba acacile esiwakhile kodwa yibhola futhi liyaxaka,” kusho uRiveiro kwabezindaba ngemuva komdlalo.
“Ibhola lilula kodwa futhi liyindida, lezi zinto ziyenzeka kodwa angizange ngibe nokungabaza. Yingakho ngingabashintshanga abadlali ngokuxhamazela noma ngizame ukwenza okuhluke kakhulu. Besibathemba abadlali ebesinabo enkundleni ngoba bebedlala kahle.”
I-Stars, egijima kwi-ABC Motsepe League eGauteng, ibe yiqembu lesithathu eliphuma esigabeni esiphansi eliwashiswe yiPirates ijezi kwiNedbank Cup kule sizini njengoba ibisikhiphe amaqembu adlala kwiMotsepe Foundation Championship, i-All Stars FC neVenda Football Academy, emizuliswaneni edlule.
Leli qembu laseMamelodi lize kulo mdlalo selizakhele igama ngemuva kokujuqa amaqembu amabili asesigabeni esiphezulu, iSuperSport United naMaZulu FC. URiveiro uthe indlela elidlale ngayo neqembu lakhe ikhombisile ukuthi alilula.
“Bekungeyona imfihlo, bakhiphe AmaZulu neqembu elifana neSuperSport. Kungashiwo okuningi ngaleyo midlalo kodwa kuyiqiniso ukuthi kunzima emaqenjini asesigabeni esiphezulu ukudlala lolu hlobo lwemidlalo,” kusho lo mqeqeshi.
“Ziningi izizathu zalokho, ezinye ezengqondo, ezobuchwepheshe namaqhinga ngoba kunezindlela ezahlukene zokudlala ibhola. Kwale kancane ukuthi bakhiphe nePirates, okufakazela ukuthi bekuwumsebenzi onzima. Bekungelula neze.
“Okusemqoka wukuthi singenile kowandulela owamanqamu. Ukungena kwePirates emzuliswaneni olandelayo kwenza umqhudelwano ube nesasasa. Kuzosithokozisa sonke ukuthi eyandulela owamanqamu kube yimidlalo emibili emihle, kuqhathwe amaqembu asezingeni eliphezulu kuphinde kugcwale abalandeli ezinkundleni. Ake sibone ukuthi ubani ozophuma phambili kuze kube sekugcineni.”
IPirates isivele iyiphakamisile indebe kule sizini njengoba yadla isicoco seMTN 8 ngokunqoba AmaZulu ngo-1-0 kowamanqamu ngoNovemba, nyakenye.
Yagcina ukunqoba isicoco seNedbank Cup ngo-2014 ngesikhathi liguqisa iBidvest Wits ngo-3-1.