UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, udwebe ngenkulumo isithombe sokuthi iKaizer Chiefs iyona esethubeni lokwenza kangcono emdlalweni owamanqamu weNedbank Cup kusasa ngo-3 ntambama, e-FNB Stadium, eSoweto.
IPirates okusesezandleni zayo ukuqeda endaweni yesibili okuhamba negunya lokumela iPremier Soccer League (PSL) kwiCaf Champions League ngesizini ezayo, izovakashela izimbangi zayo ezinkulu ukuyobanga ukuzibekisela indawo kowamanqamu weNedbank Cup enentshontsho likaR7 million.
Omunye umdlalo owandulela amanqamu walo mqhudelwano uphakathi kweStellenbosch FC neSekhukhune United ngeSonto ngo-3 ntambama, eDanie Craven Stadium, eKapa.
Indaba yethuba lokwenza kahle kweChiefs kulo mdlalo, uRiveiro uyisho kulandela ukubanjelwa kwePirates ekhaya iRoyal AM ngo-1-1 emdlalweni weDStv Premiership e-Orlando Stadium ngoLwesithathu.
IPirates ilahla amaphuzu ekhaya, inqobe kunzima ngo-2-1 kwi-TS Galaxy ngeSonto, okulandelwe ukuthi iChiefs ishaywe iSwallows FC ngo-2-1 emdlalweni weligi obungoMsombuluko.
Nakuba ebengafuni ukulibeka ngembaba kodwa uRiveiro ubona kuyiChiefs esethubeni elikahle lokudlulela phambili kwiNedbank ngoba ngokwakhe ithole ithuba elanele lokuphumula nelokuwulungisela ngokugcwele umdlalo wakusasa okuyinto abangazange bona bayithole.
Lo mqeqeshi ubesishintshile isikimu sakhe esibambane neRoyal AM ngenhloso yokuphumuza abadlali bakhe abamqoka ngaphambi kwempelasonto.
Yize kunjalo, uRiveiro ukholelwa ekutheni iChiefs egcine ukudlala ngoMsombuluko, izofika kulo mdlalo isesimeni esingcono uma usiqhathanisa nabazofika bona bekusona.
“Umdlalo wethu neGalaxy ngeSonto ubusinda ngezindlela eziningi (emzimbeni nangokwengqondo) yingakho sishintshe isikimu koweRoyal AM ngenhloso yokuthambisa lokho,” kusho uRiveiro kwabezindaba.
“Kungenxa yokushintsha kwethu isikimu asizange sidlale ngendlela ejwayelekile. Bekuwumdlalo ongajwayelekile kithina ngoba ubuthothene eduze kakhulu noweGalaxy.
“Ongoti bakanobhutshuzwayo bahlale bekushumayela ukuthi kumqoka kangakanani ukuphumula okungenani izinsuku ezintathu maphakathi nemidlalo. Lokhu ngeke sikuthole thina.
“Akumina vele ohlela imidlalo ngakho-ke ngeke ngikhulume kakhulu ngaphandle kokuthi sizozama kulawo mahora ambalwa asele ukuqhamuka nohlelo lokubhekana neChiefs,” kulandisa uRiveiro.
“Sizozama ukuhlanganisa lokhu okungahlangana ukuze sizokwazi ukumelana nalesi sitha, sona esithole izinsuku ezanele zokuphumula nokuhlelela iNedbank.”
Yize uRiveiro evumile ukuthi iphuzu elilodwa alizange libajabulise kodwa wenelisekile ngakubone kwabanye babadlali bakhe.
“Besifuna ukuwina kodwa besazi ukuthi ngeke kubelula ngoba bekuwumdlalo esiwudlale ngabadlali abangajwayelene.
“Kunabadlali engibonile ukuthi ngingathembela kubona uma bedingeka ngakho-ke kuningi okungijabulisile kulo mdlalo kunokungiphathe kabi,” kuphetha uRiveiro.
Ngokudlala ngokulingana, kuphazamiseke umgqigqo wePirates wemidlalo eyisithupha inqoba kulandelana. Nokho isawubambile owokungahlulwa okuyisimo esingcono kunezimbangi zayo, iChiefs ehlulwe kabili emidlalweni emithathu edlule okuhlanganisa nawukuhlulwa iSwallows.
Ngokwefomu, iPirates iyona esesimeni esingcono kunomakhelwane kanti ngokomgqigqo womkhaya, iChiefs isinqobe emihlanu edlule.
IChiefs izongena enkundleni ifuna ukuzigcina ethubeni lokunqoba okungenani indebe eyodwa kule sizini kanti Ezimnyama zona zithungatha indebe yazo yesibili njengoba uRiveiro azihole zanqoba iMTN 8 ekuqaleni kwesizini.
UZwane ekhuluma ngoLwesibili ngomdlalo wePirates, uthe: “Sonke siyazi ukuthi imidlalo efana nalena ihlezi inzima kuwo wonke umuntu, kunzima nokuqagela ukuthi kuzokwenzekani. IPirates yenza kahle kakhulu, izongena kulo mdlalo ithwelwe ngeqoma.
“Esingakwenza ukungena emdlalweni sizimisele, siqinisekise ukuthi siyanqoba. Sonke siyazi ukuthi awukwazi ukuthembela emlandweni. Okusemqoka indlela esizodlala ngayo nendlela iPirates ezodlala ngayo. Iqembu elingcono yilona elizonqoba. Lelo yiqembu elizokwakha amathuba liphinde liwasebenzise.”