USETHUBENI lokuzifaka emlandewe, umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, uma ezakhe zingaphinde zinqobe iKaizer Chiefs emdlalweni weDStv Premiership ozobanjelwa eFNB Stadium ngo-3.30 ntambama namuhla.
EzikaMagebhula ziwagingqe phansi ngo 1-0 Amakhosi ngesikhathi la maqembu aseSoweto ayizimbangi, ebhekana okokuqala kule sizini koweligi owawuse-Orlando Stadium ngoNovemba.
Kulowo mdlalo igoli elaweza eZimnyama lavalelwa enethini ngu-Evidence Makgopa esiwombeni sokuqala.
Selokhu kwasungulwa iPremier Soccer League ngo-1996, uRuud Krol nguyena kuphela umqeqeshi wePirates owake waguqisa iChiefs kabili kweyeligi ngesizini eyodwa. Lo mqeqeshi waseNetherlands wakwenza lokhu ngesizini ka-2008/2009.
AmaBhakabhaka aqumba phansi iChiefs ngo 2-0 ekuhambeni ngoNovemba 2008 ngamagoli kaGilbert Mushangazhike noLucas Thwala.
Emzuliswaneni wesibili ngoMeyi 2009 anqoba ngo 2-1. Amabili ePirates avalelwa uKatlego Mashego, elokubika leChiefs kwaba umkhonto kaThwala owagwaza ekhaya.
Njengoba Amakhosi ebesejwayele ukuzicanasela kwiPirates kweyeligi eminyakeni edlule ngaphambi kokuthi uRiveiro aqede leli shobolo, sekubhekwe ukuthi kungenzeka yini aphinde asize leli qembu lenze into osekuneminyaka lagcina ukuyenza.
Ngasohlangothini lweChiefs, bathathu abaqeqeshi asebeke banqoba iPirates kabili kwiligi ngesizini eyodwa.
U-Ernst Middendorp wakwenza ngesizini ka-2005/2006, wakuphinda esekhuza ibuya ngesizini ka-2019/20.
UStuart Baxter naye waqeda ngeqembu lase-Orlando ngesizini ka-2021/22, kwathi u-Arthur Zwane wenza okufanayo ngesizini edlule.
Ebhentshini leChiefs kuzobe kuhleli uCavin Johnson okunguyena owashaywa uRiveiro emzuliswaneni wokuqala.
URiveiro ekhuluma nabezindaba ngoLwesine ngomdlalo wabo neChiefs, uthe uwubona ngokuwokulungisa amaphutha abawenze babambana ngo 1-1 neCape Town Spurs ngoLwesithathu.
“Angikholwa ukuthi likhona ithuba elingcono lokulungisa amaphutha kunokubhekana neChiefs,” kusho uRiveiro esithangamini nabezindaba eGoli.
“Yebo umdlalo okhethekile kodwa ngifisa ukuthi abadlali bami bavale amadlebe kukona konke okuwubukhazikhazi okwenzekayo ngenxa yawo kepha bagxile kokuzobe kwenzeka enkundleni.
“Kulo nyaka nohhafu esengisebenze eNingizimu Afrika sekungicacele ukuthi kufanele ube nezinhlelo zeligi, ezemiqhudelwano bese uba nezinye zemidlalo yabakhaya emibili uma uqashwe iPirates noma iChiefs,” kuphetha uRiveiro.