AKAZIBONI efanelwe ukunconywa ngokufaka i-Orlando Pirates kowamanqamu okwesibili kule sizini umqeqeshi waleli qembu, uJose Riveiro, njengoba ekholwa wukuthi lokhu kufanele kube yinhlalayenzeka.
AmaBhakabhaka aphakamisa indebe yeMTN 8 ngasekuqaleni kwale sizini kanti ngoMgqibelo angene kowamanqamu okwesibili eguqisa izimbangi zawo zaseSoweto, iKaizer Chiefs, ngo-2-1 kowandulela owamanqamu weNedbank Cup eFNB Stadium, eGoli.
Igoli lokuqala leZimnyama livalelwe nguKermit Erasmus usanda kuqala umdlalo. Ngesikhathi ejabulela igoli, ubonakale ebeka umunwe emlonyeni sakukhombisa ukuthi kukhona abavale imilomo.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi la maqembu eqhathwa, kwabonakala abadlali beChiefs bebhiyoza.
UYusuf Maart ushayele Amakhosi elokulinganisa sekuyophela isiwombe sesibili ngaphambi kokuthi uSandile Mthethwa angqofele enethini eliweze iqembu likaRiveiro esikhathini esengeziwe.
Ngesikhathi uRiveiro emenyezelwa njengomqeqeshi omusha wePirates ngoJuni nyakenye, kwamangala abantu abaningi njengoba abahlaziyi bebhola bakuleli nabalandeli babengazi okutheni ngalo mqeqeshi odabuka eSpain.
Akafikanga nomlando omkhulu njengoba wayesaqeqeshe amaqembu amancane ezweni lakhe namanye aseFinland. Abanye baze bambiza ngo-plumber okuyitemu elisetshenziswa kuleli uma kuchazwa umqeqeshi ongazi lutho. Kwaze kwakhuza usihlalo wePirates, u-Irvin Khoza.
Noma kunjalo uthe wayengakhathazekile ngokuthi angase ashaye udaka ngesizini yakhe yokuqala neqembu.
“Ngiyindoda enethemba elikhulu. Ngihlale ngilindele izinto ezinhle nakuba kungabonakali kanjalo ngezinye izikhathi. Ngihlale ngicabanga ukuthi konke kuzolunga. Kumele ube nalowo mqondo kwezemidlalo,” kusho uRiveiro.
“Kufanele uphile impilo yakho futhi wenze umsebenzi wakho ngalowo mqondo futhi uqinisekise ukuthi ubaqinisa idolo labo obambisene nabo. Uma ngingakwenzi lokho, ngabe ngingumholi onjani?
“Ngiqeqesha i-Orlando Pirates ngakho izinto ziyenzeka ngoba nginabadlali abaseqophelweni eliphezulu. Angikwazi ukwenza izimanga, lokhu akwenziwa yimina ngedwa kodwa yimiphumela yokuzikhandla kweqembu lonke, ithimba labaqeqeshi nabadlali.
“Ngijabule ngoba sinqobile kodwa ngizojabula kakhulu emasontweni amathathu uma sikwazile ukuba ngompetha. Kumnandi ukungena kowamanqamu futhi ngicabanga ukuthi iPirates kufanele ihlale ifinyelela lapho. Angenzanga lutho olumangazayo.”
Umdlalo wamanqamu weNedbank Cup uzokuba ngoMeyi 27.
Ngaphambi komdlalo wangoMgqibelo iPirates ibisiphenduke ithofi leChiefs kwazise ibisiyibulele ngenduku emidlalweni emihlanu yeDStv Premiership ilandelana. EzikaMagebhula zavika kancane kwiCarling Black Label Cup ngoNovemba nyakenye lapho zanqoba khona kumaphenathi umdlalo uphele zibambene ngo-0-0.
URiveiro uvumile ukuthi ukuya emdlalweni weNedbank Cup naleli rekhodi elibi bekungemnandi kodwa akakholwa ukuthi bekuwumthwalo osindayo kubadlali bakhe.
“Ukuhlulwa akumnandi akuhlekisi neze, ikakhulukazi uma ukwiPirates ushaywa yiChiefs. Nokho kufanele sifunde kule midlalo. Sekulula manje ukuthi sikwenzile lokho ngoba siwunqobile umdlalo kodwa bekungenzeka noma yini. Besingahlulwa kumaphenathi,” uqhube kanje lo mqeqeshi.
“Ngicabanga ukuthi senze kangcono kunemidlalo edlule. Indlela esiwuhlelele ngayo umdlalo ibihlukile. Ngaphambi kweyomkhaya yakamuva, besingekho esimeni esihle ngenxa yezizathu engingeke ngiphawule ngazo.
“Sibonile ngesikhathi iqembu liziqeqesha okokugcina ukuthi kungenzeka noma yini kulo mdlalo. Size kulo mdlalo nerekhodi elibi ebelingaba wumthwalo noma isithiyo kodwa ngokubona kwami akuhambanga kanjalo. Angibabonanga abadlali bezikhathaza ngokwenzeka ezinyangeni ezedlule.”
Ebuzwa ukuthi ngabe iqembu lakhe linqobe kowomkhaya baseSoweto obaluleke kakhulu kule sizini, uRiveiro uthe usawakhalela amaphuzu abalahlekela kwemibili yeligi bebhekene neChiefs.
“Ngingathanda ukuba nalawo maphuzu ayisithupha ephaketheni lethu. Bekunzima ukuhlulwa kuleyo midlalo. Sizobona ekupheleni kwesizini ukuthi siyawadinga ngempela lawo maphuzu noma cha,” usho kanje.
‘Ukuba sawathola lawo maphuzu ngaleso sikhathi ngabe isimo sihlukile. Sesiyaqagula njengamanje kodwa okubalulekile wukuthi iqembu liyathuthuka.
“Noma kunjalo ngeke sikwazi ukudlala ngegiya eliphezulu kuyona yonke imidlalo iqala ize iyophela. Lo mdlalo ube yisibonelo esihle. Sidlale kahle kwezinye izikhathi kodwa iChiefs ibingcono kwezinye. Okumqoka wukuthi siqhubekile saqophisana nayo.”
EZimnyama sezibheke ukubambelela endaweni yesibili kwiDStv Premiership lapho zishiya khona iSuperSport United ngamaphuzu amabili neChiefs ngamaphuzu ayisithupha.