NAKUBA inhliziyo isaqaqamba ngokuphuma esewubukela eduze owamanqamu weCaf Champions League, uRhulani Mokwena oqeqesha iMalelodi Sundowns uzishaya isifuba ngakwenza kuleli qembu yize ekulindele ukugxekwa kulandela ukuphuma kulo mqhudelwano.
ISundowns iphinde yaphuma kowandulela owamanqamu weChampions League kulandela ukushaywa kwayo ngo 2-0 sekuhlanganiswe yomibili imilenze ebibhekene kuyona ne-Esperance Sportive de Tunis, yaseTunisia.
UMokwena kumele asheshe akudlulise lokhu kuphoxeka kwazise unomdlalo weDStv Premiership nomlingani wakhe, uSead Ramovic we-TS Galaxy namuhla ngo-7.30 ebusuku eLoftus Versveld.
ISundowns ishoda ngamaphuzu ayisithupha ukuba ithathe isicoco sayo sesikhombisa seligi kulandelana, okuzitolika ngokuthi uma iwaqoqa agcwele kwiGalaxy, ingase isiwinele enkundleni yeKaizer Chiefs ngoLwesine.
“Siphoxekile sonke ngomphumela weChampions League ikakhulukazi abadlali okuyibona abebesenkundleni,” kusho uMokwena esithangamini nabezindaba.
“Nakuba ngiphoxekile kodwa ngizishaya isifuna ngesikwenzile. Yebo kugcine kungalunganga ngenxa yamaphutha okufanele sizinuke amakhwapha ngawo kodwa ukuziqhenya kimina kungaphezulu kwendumalo.
“Ngiyavuma kukhona lapho ngenze khona amaphutha njengomqeqeshi kodwa futhi ngizishaya isifuba ngokukhula kweqembu kokunye yize isasiphika iChampions League okwamanje.
“Kubuhlungu kodwa abadlali nabalandeli yibona engibazwela kakhulu. Abalandeli sibenzele phansi kanti into efanayo nakubaphathi beqembu abebeseseka ngaso sonke isikhathi.
“Ngeke ngivume ukuthi usidikibalise lo mphumela yize kuzobanzima, kepha ngifuna usenze sisilambele nakakhulu lesi sicoco,” kulandisa uMokwena obesethimbeni labaqeqeshi ngo-2016 iDowns iqala ukuphakamisa inkomishi yeChampions League isaqeqeshwa, uPitso “Jingles” Mosimane.
UMokwena uthe ukulungele ukugxekwa okuzolandela ukuphuma kweSundowns kwiChampions League.
Uthe uwuqonda kahle umkhakha akuwona, ngakho-ke uzilindele izinhlamba ngokwehluleka kweSundowns kwiChampions League.
“Uma ngithi ngiwumholi, kungumsebenzi wami ukukuthwala emahlombe konke okushiwo ngathi ngisho ngabe kulumela kangakanani,” kuphetha uMokwena.
Kuzobe kungokokuqala uMokwena ebhekana ngqo noRamovic kulandela impi yabo yamazwi ebiqhubeka esidlangalaleni kusukela ngasekupheleni kukaFebhuwari.