UKUCHAZE njengokungcolisa isithunzi sebhola laseNingizimu Afrika, uRhulani Mokwena okwenziwe unompempe uJelly Chavali obephethe umdlalo weMamelodi Sundowns neMoroka Swallows weDStv Premiership obungoMsombuluko, eDobsonville Stadium.
UMokwena susole uChavali ngokwenza engathi kukhona axhumana naye ngaphambi kokuvuma igoli lesibili leSwallows lokulinganisa kade seliphikiwe.
ISundowns ibambane neSwallows ngo 2-2 kodwa okugqame ngaphezu komdlalo yindlela okuvunywe ngayo igoli likaGabadinho Mhango ngemizuzu yokugcina.
UMhango obeyiphela endlebeni kwiSundowns umdlalo wonke, ushaye phakathi igoli kodwa umsizi kanondweba waphakamisa iduku obekuchaza ukuthi kukhona akubonile okungalungile.
Ngesikhathi kusenaleso siphithiphithi uChavali uye kumsizi wakhe lapho efike khona wakhuluma okuthile naye,
Ubelokhu ebeka isandla endlebeni ngendlela efana nale okwenza ngayo onondweba basemaligini aphesheya kwezilwadle uma bexhumana ne-Video Assistant Referee (VAR).
Okuqapheleke kuMokwena ngesikhathi ekhuluma nabezindaba esithangamini sabongemuva komdlalo wukuthi seyimuma emphinjeni indaba yonondweba nezinqumo ezihudulela phansi isithunzi sePremier Soccer League (PSL).
“Ngihlale ngikugwema ukukhuluma ngonondweba kodwa sekungimi emphinjeni ukuthi sekufana nento ejwayelekile ukuthi abaqeqeshi bakhale ngezinqumo zonondweba,” kusho uMokwena.
“Sekungokwesithathu kule sizini iSundowns iphucwa amaphuzu nge-VAR engekho. Ngifuna ukwazi ukuthi unondweba ubekhuluma nobani ngaphambi kokuvuma igoli okusobala ukuthi beliphikwe kufanele.
“Ngiwumqeqeshi ngoba ngifunde ngagogoda kulo mkhakha ngakho-ke ngeke ungitshele ngemithetho yebhola likanobhutshuzwayo.
“Igoli lokuqala leSwallows bekungafanele livunywe ngoba uMtshali (Lindokuhle) ubesemhlabeni ongamfanele. NelikaMhango ngokunjalo ngenxa yesizathu esifanayo.
“Okungicasulayo ukuthi yini enze sengathi kukhona i-VAR unondweba ngaphambi kokuphika igoli. Le nto isenza inhlekisa emhlabeni.
“Sinabantu abasilandelayo e-Europe ababuka le nto eyenziwa onondweba masonto onke,” kulandisa yena.
UMokwena uthe yize lingasho lutho kubona iphuzu elitholwe yiSwallows kodwa lizoba nomthelela emaqenjini angezansi.
“Okungiphatha kabi kakhulu ukuthi leli phuzu ngeke lenze mehluko kithina kodwa lisho okunye emaqenjini abalekela izembe.
“Sithathe amaphuzu koRichards Bay FC, Cape Town Spurs naMaZulu FC njengoba unondweba esezowagixabeza iSwallows esempini efanayo nala maqembu engiwabalayo,” kuphetha uMokwena.
ISwallows ikunombolo-14 kwi-log ngamaphuzu awu-26. Endaweni ka-15 kuhleli iBay ngawu-17 bese emsileni kuvale iSpurs ngawu-12.
UMokwena ukhuluma kanjena nje, emasontweni edlule iSundowns ivunwe yizinqumo ezikhulumisayo zonondweba. IYoung Africans iphikelwe igoli emlenzeni wesibili wama-quarterfinal, i’Downs yagcina idlule kumaphenathi.
Emdlalweni weligi neSpurs amaBrazilians athole iphenathi obekubonakala yenzeke ngaphandle kwebhokisi, yagcina inqobe ngayo.
Ebuzwa uMokwena ngalezi zigameko ngesonto eledlule, wathi: “Ngokubona kwami bekuyizinqumo ezifanele kodwa lo umbono wami, angiyena unompempe.
“Izinto ezenzekayo ebholeni lezi. Sahlulwa kowamanqamu eMTN 8 ngenxa yezinqumo ezithize engazibona zingalungile kodwa yibhola lelo.
“Lezi zinto zigcina sezilingana ekugcineni. Ngelinye ilanga zivuna wena, ngelinye kungabi njalo. Kunjalo nje kwezemidlalo nasebholeni. Izinsuku azifani.”