UMQEQESHI weWydad Casablanca, uRhulani Mokwena, kuyamjabulisa ukuthi iqembu lakhe seliqala ukudlala kangcono futhi seliyakwazi ukwenza izinto elikade lagcina ukuzenza.
IWydad ibhaxabule iJS Soualem ngo 3-0 emdlalweni weBotola Pro League ekhaya ngoMgqibelo. Umdlali wakuleli, uCassius Mailula, wakhe amagoli amabili kulo mdlalo.
Lo mphumela uchaza ukuthi iqembu likaMokwena alikahlulwa emidlalweni yalo emihlanu yakamuva yeligi. Linqobe emithathu, ladlala ngokulingana kwemibili.
Lokhu kulinyusele endaweni yesithathu kwi-log ngamaphuzu angu-22 emidlalweni engu-13. Lisele ngamaphuzu amahlanu eqenjini eliqhwakele, iRS Berkane, eselidlale imidlalo engu-12.
“Kuyangijabulisa ukuthi siyiqembu elikwaziyo ukuzithoba. Siyaqonda ukuthi sikuphi, okuyinto esemqoka kakhulu. Enye yezinto ezibalulekile uma ungumholi wukuqonda lapho iqembu libheke khona nokuthi likuphi njengamanje,” kusho uMokwena ekhasini leWydad kwiYouTube.
"Sikwazile ukunqoba imidlalo ilandelana okokuqala kulo nyaka. Kubaluleke kakhulu ukudlula kulesi sihibe. Siphinde saguqisa iqembu elisishaye kabili ngesizini edlule. Ukwenza lezi zinto ezincane yikhona okuzokhuphula ukuzethemba, kuphakamise iqembu.
UMokwena nezakhe bazobuyela enkundleni kusasa lapho bezodudulana khona ne-AS FAR Rabat ngo-7 ebusuku. I-AS FAR isendaweni yesihlanu kwi-log ngamaphuzu angu-20 emidlalweni engu-12.
UMokwena uthe kufanele baqhubeke nokuzimisela ukuze baphinde babuye namaphuzu kulo mdlalo.
"Ukubonga nokuzithoba kuzosiyisa kude. Ngiyaziqhenya ngabadlali nethimba labaqeqeshi. Ithemba likhona ngoba sesiqala ukuzinza. Abadlali bangakutshela ukuthi ngibafaka kangakanani uma sizilolonga. Ngiyazi ukuthi akulula ukudlala ngaphansi kwami ngoba kudingeka izinga elithile ukuze unqobe,” usho kanje.
"Sinomdlalo onzima ne-AS FAR okumele siwulungisele ngokuphelele. Kumele siqinisekise ukuthi abadlali bayaphumula ngokwanele bese sihlaziya ama-video. Kubalulekile ukuthi sizibheke lezi zinto ngoba asemaningi amaphutha esiwenzayo,” uphethe kanje uMokwena.