UZISHAYA isifuba sakuqhosha umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, ngakuchaze njengokubavala umlomo laba abebengabaza ukuqokwa komdlali wakhe, uTebogo Mokoena, njengePSL Footballer of the Year ka-2022/2023.
UMokwena ubekhuluma nethimba leSundowns labezindaba lapho ebegeqa khona amagula ngokucija kweqembu lakhe ngaphambi kokwamukela i-Orlando Pirates emdlalweni obhekwe ngabomvu weDStv Premiership ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku eLoftus Versveld.
UMokoena (Tebogo) ungomunye wabadlali abebegqamile kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) esongwe ngempelasonto e-Ivory Coast okufakazelwa ukusiza kwakhe iBafana Bafana iqeda endaweni yesithathu okokuqala eminyakeni engu-24.
Ngesikhathi uMokoena eqokelwa kulo mklomelo ahlule kuwona uzakwabo, uRonwen Williams noMonapule Saleng wePirates ngoMeyi nyakenye, kube nemvunge kubathandi bakanobhutshuzwayo baseNingizimu Afrika kwazise bebehlukene phakathi ngokuqokwa kwalo mdlali. Iningi belikholwa wukuthi umklomelo ovotelwa ngabaqeqeshi bamaqembu ePremiership, ufanele uSaleng.
Indlela uMokoena alixove ngayo kwi-Afcon kuze kwamfaka naseqenjini elivelele lomqhudelwano angene kulona nokaputeni wakhe, uWilliams kuphela kwabaseNingizimu Afrika. Kuleli qembu liyinhlanganisela yabadlali abashaye into ecokeme.
‘’Ngiyakholelwa ekutheni iphelile imvunge ngokuthi kungani uMokoena eqokelwe emklomelweni wePSL?’’ kusho uMokoena sakuqhosha.
‘’Cishe kuyona yonke imidlalo yeBafana uMokoena ubegqame ngale ndlela yokuthi ubenzela abanye abadlali umsebenzi ubelula. Bonke abadlali beSundowns bayimele kahle iBafana kusukela ebuqhaweni bukaWilliams kuze kuyofika kwabaphambili njengoThapelo (Morena).
‘’Sizishaya isifuba ngeqhaza nangendlela abadlali beSundowns abaziphathe ngayo eqenjini lesizwe. Amagoli amabili kaZwane (Themba) awashayele izwe ayizinkomba zobumqoka bakhe kwiBafana nakwiSundowns njengoba isizini iqhubeka.
‘’Ngeke sikwazi ukuziba ukuthi uWilliams uqokwe njengonozinti womqhudelwano. Ngaphandle kobuholi, ukuvimba kwakhe amaphenathi ubuthaphuthaphu kukhulise igama lakhe neleSundowns ngokwahlukana.
‘’Ukuqina njengokhonkolo koMvala (Mothobi) noKekana (Grant), Mudau (Khuliso) noModiba (Aubrey) kwenza siziqhenye ngakho konke okusobala ukuthi kuhle esikwenzayo ngaphakathi eqenjini,’’ kusho uMokoena.
ISundowns ibheke ukunweba igebe esicongweni se-log kulo mdlalo ezobe ibhekene kuwona nePirates. EZimnyama kuqale isizini ibalwa namaqembu angase ayibhincisele nxanye iDowns esikhonye kwiligi yaseNingizimu Afrika amahlandla ayisithupha kulandelana.
EzikaMokoena ziqhwakele ngamaphuzu angu-38 emidlalweni engu-14 kanti iPirates isendaweni yesihlanu ngawu-25 kwengu-26.