URHULANI Mokwena weMamelodi Sundowns uchayise abezindaba abebezama ukumphoqa ukuba aphawule ngezonsolo ezisabalele (e-Egypt) ezithi iqembu lakhe lizimisele ukwenza noma yini ukukhahlelela ngaphandle i-Al Ahly yase-Egypt kwiCaf Champions League kule sizini.
ISundowns ibambane eSudan ne-Al Hilal ngo-1-1 (wamagoli angene elandelana esiwombeni sesibili), kulo mdlalo owandulela owokusonga u-Group B okukhona kuwona iCotton Sport yaseCameroon ne-Al Ahly.
Yize ngokukaMokwena iSundowns ilahle amaphuzu kulo mdlalo kodwa ujabule ngokuthi ngokwezibalo sebelidlile iqoqo okuyinto abebevele beyifisa, okusho ukungena kuma-quarterfinal.
Imibuzo yabezindaba base-Egypt abebeyibhekise kuMokwena ibikhomba ukuthi iSundowns iyithambisele i-Al Hilal ngoba izama ukuqeda ngephupho le-Al Ahly lokudlulela kweyama-quarter final eqala ngenyanga ezayo.
Ukube i-Al Hilal inqobile kulo mdlalo bekuzosho ukuphela kwamathuba e-Al Ahly okudlulela phambili kulo mqhudelwano. Ngasekupheleni komdlalo, unozinti, weSundowns, uRonwen Williams, uvimbe iphenathi ye-Al Hilal ebinganqoba ngayo.
ISundowns iqhwakele kuGroup B ngamaphuzu awu-11, emidlalweni emihlanu. I-Al Hilal isendaweni yesibili ngayishumi, kuthi i-Al Ahly ibambe indawo yesithathu ngamaphuzu ayisikhombisa.
Ukungacaci kuze kube imanje kweqembu elizohamba neSundowns kuleli qoqo, yikhona okwenza kube nemvunge e-Egypt kwazise phakathi kwayo ne-Al Hilal kusengenzeka noma yini.
La maqembu azosonga iqoqo ngokubhekana ne-Egypt ngoMashi 31.
UMokwena ovamise ukuba nesineke nabezindaba ucacise zisuka ukuthi ngeke avume ukuthi (abezindaba) bamyise lapho befuna khona.
“Angibaphenduli abezindaba uma bengakhulumi ngokwenzeke enkundleni ngoba inkulumo engiyaziyo ile ethinta konke okwenzeke enkundleni,” kusho uMokwena bembuza “ngokuthambisela” i-Al Hilal.
“Indlela esidlale ngayo ngicabanga ukuthi iyazikhulumela ngoba sizame konke ukunqoba lo mdlalo kodwa kwangenzeka.”
Umbuzo olandele lapho uthe, uyasibona yini uMokwena isidingo sokugxeka okungenani abadlali ngokubambana ne-Al Hilal ekubeni befike kulo mdlalo beqhobozela kwasani olubekwa phambi kwabo. Emdlalweni owandulele lona kwiChampions League, iSundowns ibhaxabule i-Al Ahly ngo-5-2 ePitoli.
“Angilona uhlobo lomqeqeshi owahlulela abadlali bakhe futhi ngaphambi kokubheka engxenye ngiqale ngizibheke mina uqobo.
“Ukungawuwini lo mdlalo kuzokwenza ngizibheke mina ukuthi ngenze konke yini ebengingakwenza njengomqeqeshi ukuwunqoba. Asinqobanga ngakho-ke imina okufanele agxekwe.
“Okumnandi nokukuyikhona engizohamba nakho emuva kwalo mdlalo ukuthi ngokwezibalo, iqoqo sesilidlile okuyizindaba ezimnandi,” kuphetha uMokwena.
ISundowns izosonga iqoqo (ngoMashi 31) ngokwamukela iCotton Sport ebambe ibhuleki kwi-log.