INHLOKO yabaqeqeshi beMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, idalula imfihlo yokuba nabangani abasebenza kwiLiverpool nakwiManchester City, e-England, abenza isiqiniseko sokuthi amaBrazilians ahlale edlala ibhola lezinga eliphezulu.
Ngempelasonto, leli qembu liqhubekile nokujabulisa abalandeli balo libhaxabula iChippa United ngo-2-0 ngamagoli kaTeboho Mokoena nelikaTashreeq emdlalweni weDStv Premiership, eLucas Morioe Stadium.
Liqhwakele ngamaphuzu awu-45 emidlalweni ewu-17. Alikahlulwa nakowodwa selokhu kuqale isizini ka-2023/24 kwiDStv Premiership. Esithangamini sabezindaba ngemuva komdlalo, uMokwena uncome ubadlali bakhe ngokungaphezi.
Uthe ukholelwa ekutheni kule sizini badlala kahle kakhulu uma kuqhathaniswa nedlule.
Uqhube wathi ukuze iqembu lakhe likhonye kuleli nase-Afrika jikelele kumphoqa ukuhamba ibanga elide. Okunye akuvezile wukuba nabangani abasethimbeni labaqeqeshi kwiLiverpool, Manchester City nakwiBrighton & Hove Albion, okungamaqembu adlala kwi-English Premier League (EPL). Akabashongo amagama abo.
"Kwesinye isikhathi ngibuye ngingazethembi ukuthi ngabe ngiwenza ngendlela noma cha umsebenzi kuleli qembu. Ngenhlanhla nginabangani abasemathimbeni abaqeqeshi kumaqembu aphezulu e-Europe.
“Ngiyabacela ngaso sonke isikhathi ukuthi bahlale behlaziya indlela esidlala ngayo. Ngibacela ukuthi bahlale benginika imibiko. Nginomngani osebenza kwiLiverpool ongitshela ezikabhoqo ukuthi iSundowns isekude ukufika ezingeni lokudlala leqembu labo. Ngiphinde ngibe nokuMan City NakwiBrighton. Lo okwiMan City uhlale engitshela ukuthi kungaba lula ukuthi iSundowns ingene khaxa ebholeni lase-England. Ha ha ha! Angifuni ukumkholwa ngoba mhlawumbe usho lokhu ngoba ngiwumngani wakhe," kubeka uMokwena.
Uqhube wathi: "Kubalulekile ukuba nalolu hlobo lwabantu ukuze uzoba nesiqiniseko sokuthi usayibambe ngakho yini. Baphinde babaluleke ngokuthi bangiqondise uma uthando enginalo ngaleli qembu selungifaka ehlathini.
“BengiseBrazil. Abantu bakhona bangibuze ukuthi iyiphi imfihlo yami eyenza iSundowns idlale kahle kangaka? Ungijabulisile lo mbuzo. Sizoqhubeka nokuzama ukwenyusa izinga lethu lokudlala. Kumele sidlale kahle siphinde sinqobe. Luselude ukhalo kodwa ngijabule ngendlela esidlala ngayo.”
Emdlalweni weChippa kulimale kabuhlungu isethenjwa seSundowns, uLucas Ribeiro Coasta.
Esikhundleni sakhe kungene uThemba Zwane obeqala ukudlala selokhu ebuye kwi-Africa Cup of Nations (Afcon). UMokwena utshele izintatheli ukuthi odokotela bebengakaboni ukuthi uRibeiro ulimele kangakanani.
"Ngemuva komdlalo, ngiye kuye ukuyombongela nokuyomtshela ukuthi iqembu lakhe linqobile. Ubekhala, sethemba ukuthi akalimele kakhulu njengokucabanga kwethu. UNkulunkulu usebenza emfihlakalweni. Ngenhlanhla uRibeiro ulimale kubhekwe ekhefini leFifa. Uzothola isikhathi sokululama kahle. URibeiro uyena osazihola phambili ngokushaya amagoli kwiligi njengoba esevalele awu-10.
Kusasa iSundowns izobhekana neSuperSport United koweligi, ngo-7.30 ebusuku eLoftus Versfeld Stadium.