IZWAKALE inokubalisa inkulumo yomqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, ukhuluma ngesimo asichaze njengesingemnandi, sika-Erwin Saavedra, ofike kuleli qembu ethwelwe ngeqoma kodwa wahlushwa ukulimala okumphoqe ukuba aze abuyele kwelakubo eBolivia.
UMokwena oseqede imidlalo yeligi engu-40 engayazi induku kwiligi, ukusho lokhu emuva kokunqoba kuMaZulu FC ngo 3-0 koweDStv Premiership ngoLwesibili ebusuku eLoftus Versveld. ISundowns kaMokwena yagcina ukuhlulwa kwiligi, iSuperSport ngo 2-1 ngoSepthemba 2022.
USaavedra (28) obesuka kwiClub Bolivar yangakubo wethulwa ngesasasa kwiSundowns ngosuku olufanayo, noTebogo Mokoena noSurprise Ralani, ngoFebhuwari 2022. Imibiko yavezwa ukuthi wathengwa ngemali elinganiselwa ku-R15 million.
Ngokusho kukaMokwena lomdlali ophelelwa inkontileka ngoJuni, usevele useBolivia lapho eyozama khona ukubuyisa ifomu eqenjini iSundowns emthole kulona.
“Ngenxa yokulimala obekulokhu kulandele uSaavedra iqembu libone kungcono ukuba limsize ukuthi abuyele emuva ngenhloso yokubhekana kahle nalokhu kulimala eseduze nomndeni,” kusho uMokwena kwabezindaba ngemuva komdlalo naMaZulu.
“Okuningi kwenzeke ngesikhathi ngingekho kodwa akumnandi kimina ngoba lo mdlali akazange alithole ithuba lokuziveza ngokwanele.
“Ngiphatheke kabi ngokuthi iSundowns ayizange ivune ngethalente lakhe kodwa lezi zinyembezi zisulwa ukuthi ngiyazi ukuthi ngiboneni kuyena nokuthi ngiyaqonda ukuthi ubehlushwa ukulimala.”
USaavedra walimala emdlalweni iSundowns ibhekene ne-Al Hilal kwiChampions League.
Kusona lesi sithangami uMokwena ukhuze umlingani wakhe opheka i-TS Galaxy, uSead Ramovic, ngokuthi usedlalela ezitsheni ezifayo emsola ngokufaka umndeni wakwaMotsepe ekuklwebhaneni kwabo okusematheni kwabezindaba kulezi zinsuku.
Ingxabano eqhubeka esidlangaleni phakathi kwalaba baqeqeshi ilokhu iya iqonga kwazise bobabili balisebenzisa ngendlela efanayo ithuba kwabezindaba.
Nokho ngeke besalinda kangako abalandeli ukubona laba baqeqeshi bebhekene ubuso nobuso njengoba ngoLwesithathu oluzayo bezotholana koweligi oseMbombela Stadium.
Ngeledlule esithangamini nabezindaba seNedbank Cup, uRamovic uveze amagama amanye aqosheme athi ashiwo uMokwena bekhuluma ocingweni.
Laba baqeqeshi baxabana emuva komdlalo weCarling Black Label Knockout Cup lapho iGalaxy yakhipha iSundowns emzuliswaneni wokuqala.
“Angaxabana nami aze adele kodwa angalokothi afake umndeni wakwaMotsepe ngoba awungene. Lo mndeni uxhase kakhulu ebholeni laseMzansi ngakho-ke usegibela phezu kwendlu yesonto uma esewufaka uma exabana nami,” kusho uMokwena.
Lokhu bekususwe ukuthi uRamovic ugxeke uMokwena ngokuvika ngokuthile njalo uma ehlulilwe ekubeni ethengelwa okhilimu babadlali.