NAKUBA ungeke ufanise umdlalo weMamelodi Sundowns neSuperSport United nowomkhaya baseSoweto, i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs ngenxa yobuningi babalandeli nomlando omude wawo kodwa abaqeqeshi bala maqembu asePitoli babheke ukuthi zihlubane njengoba amaphuzu amathathu azobe edlalelwa esho lukhulu kuzona zombili izinhlangothi.
ISundowns neSuperSport bazodudulana koweDStv Premiership namuhla eLoftus Versfeld ngo-7.30 ebusuku.
URhulani Mokwena opheka iSundowns, utshele abezindaba, abesesithangamini nabo ngempelasonto edlule eqeda ukunqoba kwiChippa United, ukuthi yize abaningi besahaqwe ukuvutha komdlalo we-Pirates ewunqobe kwiKaizer Chiefs ngo 3-2 ngoMgqibelo kodwa nowabo neSuperSport umqoka ngendlela yawo.
Uyavuma uMokwena oseke wayipheka iPirates phambilini ukuthi ngokomlando abasoze bafika kwiPirates neChiefs kodwa ngabakwenza enkundleni (ngokuhlanganyela neSuperSport), kuyawukhulisa nowabo owabakhaya.
“Yebo imidlalo yabakhaya ihlukile ngoba lo owaseSoweto usuka kude kodwa lo owethu awunawo kangako umlando yize uhlale njalo ushubile,” kusho uMokwena.
“Ziningi izinkomishi ezihlanganisa ezemiqhudelwano nezeligi ezisemakhebetheni eSundowns neSuperSport ngakho-ke lo mdlalo ungomunye wemikhulu ekhalendeni lebhola laseNingizimu Afrika.
“Ngeke kuphele ukugconana kwabalandeli bamaqembu asedolobheni elilodwa ngakho ngeke umane uwuzibe lo mdlalo wabakhaya baseTshwane. Kukhona nesinongo sabadlali abazobe bebhekene neqembu labo lakudala.
“Sibheke iwini kumnyama kubomvu okuyinto engaziyo ukuthi no(Gavin) Hunt ubheke yona hhayi okunye,” kuqhuba uMokwena.
Ngesikhathi ekhuluma emuva kokubambana naMaZulu FC, ngoMgqibelo uHunt ubalise ngokulinyalelwa ngaphambi kwalo mdlalo kodwa wabuye waziqondisa ngokuthi lesi isimo ebesivele sikhona kusukela ezinyangeni ezedlule.
ISuperSport ilona iqembu elagcina ukushaya iSundowns koweligi ngoSepthemba ka-2022.
“Indawo yesibili sesiyishwebe izinyanga ezicela kwezintathu ngenxa yokulahla amaphuzu lapho sidlala khona ngokulingana kungafanele,” kusho uHunt kwabezindaba.
“Kufanele ngabe sesivule igebe phakathi kwethu nosendaweni yesithathu kodwa silokhu siliyeka ithuba noma seliziletha kwesinye isikhathi.
“Kuzokuba umdlalo onzima neSundowns kodwa sonke siyazi ukuthi iSuperSport inawo amava okubuya namaphuzu amathathu eLoftus,” kuphetha uHunt.
ISundowns esesicongweni kwi-log ivule igebe lamaphuzu awu-12 kwiPirates esendaweni yesibili ngamaphuzu awu-33. ISuperSport ibambe indawo yesine ngamaphuzu awu-32. Emzuliswaneni wokuqala weligi kwanqoba iSundowns ngo 2-0 ngamagoli kaLucas Ribeiro noPeter Shalulile.