ULINDELE iqhinga elihlukile kuzakwabo umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena njengoba namuhla bezoqhuthana nomkhaya basePitoli, iSuperSport United koweDStv Premiership ngo-6 ntambama eLoftus Versfeld.
UMokwena ekhuluma nabezindaba ekupheleni kwesonto eledlule, uthe ulindele ukuthi uzakwabo, uGavin Hunt, opheka i-United, akwazi ukuqhamuka namasu amasha phezu kokuthi uzobe edlala ephoqelekile ukuthi kubekhona abadlali abashiya ngaphandle ezinhlelweni zakhe.
UHunt uyena umqeqeshi ogcine ukuguqisa iSundowns koweligi njengoba ayishaye ngo-2-1 ngonyaka odlule eLucas Moripe Stadium.
Ngalolo suku, bekungokwesibili futhi kungokokugcina kule sizini ukuthi iSundowns ikhale ngaphansi emdlalweni weligi.
Ngesikhathi uHunt ekwenza lokhu wayephoqelekile ukuthi angabasebenzisi abadlali abayizinsika eqenjini lakhe, uGrant Margeman, unozitnti uRicardo Goss noThabang Sibanyoni ngoba babolekwe kwiSundowns.
Isivumelwano esikhona phakathi kwala maqembu sithi i-United akumele ibasebenzise laba badlali uma izobhekana namaBrazilians.
Ekhuluma nabezindaba esithangamini, uMokwena ufanise uHunt nohlobo oluthile lwesilwane olunamaqhinga okuqhamuka nezisombululo lapho zingalindelekile khona.
“Ukhaliphe ngendlela emangalisayo uHunt ngakho-ke kungabukeka sengathi uzoba nenkinga ngoba kunabadlali angavumelekile ukubasebenzisa kodwa nginolwazi olugcwele ukuthi ikhona indlela ahlele ngayo futhi izoba ingozi,” kusho uMokwena.
“Angakhala vele ngokuthi akavumelekile ukusebenzisa uMargeman ongomunye wabadlali bakhe abagqmile kule sizini kodwa uzoba nawo amaqhinga azokwenza kubonakale sengathi akekho umdlali ashoda ngaye.
“Kungaba iphutha ukubuka iSuperSport njengethambile uma bengekho laba badlali bobathathu ngoba uHunt uyaziwa ukuthi udlalela ukuwina.
“Lokhu kuzokwenza abadlali abazokhethwa ukuvala lezi zindawo zabangavumelekile ukuthi badlalele ukufa nokuphila ngoba futhi uHunt unaso sonke isipiliyoni sokwenza umdlali azobine esezingeni lomhlaba,” kuqhuba uMokwena.
UHunt obevakashelwe abezindaba ngeledlule ejimini elungisela lo mdlalo, uthe sebedlalela ukubona ukuthi bazophelelaphi.
ISundowns iqhwakele kwi-log yeDStv Premiership ngamaphuzu awu-40 emidlalweni ewu-16. Labo mpetha beligi sebeqhube imidlalo eyishumi bengahlulwa. Iqembu elingemuva kwabo kwiligi, iRichards Bay FC ehlule iMarumo Gallants ngo-2-0 ngempelasonto. Leli qembu laKwaZulu-Natal selinamaphuzu awu-29. EzikaHunt zibambe indawo yesithathu ngamaphuzu awu-27.
Leli gebe elikhona kungenzeka ukuthi yilona elenza uHunt abone lingasekho iqembu elingavimba iSundowns ekuvikeleni isicoco seligi.
“Iqiniso elimsulwa ukuthi iSundowns isisithathile isicoco ngakho-ke okwethu abanye ukubanga amaphuzu ngenhloso yokuzisondeza kwiSundowns.
“Maningi kakhulu amaphuzu evule ngawo igebe futhi ayiqhuzuki ngakho-ke asamukele ukuthi iSundowns isisiphindile isicoco,” kusho uHunt.