XOLILE MPISANE
UBONA kusamele athuthuke njengomqeqeshi yize enqobe isicoco seDStv Premiership umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena.
UMokwena (36) unikezwe izintambo ngo-Okthoba nyakenye kanti ngaphansi kobuholi bakhe amaSandawana akwazile ukudla isicoco seligi okwesithupha amasiziini elandelana.
Yize bekungokokuqala ekwenza lokhu ezimele yedwa njengonhloko yabaqeqeshi, ubesesithathile kabili ebambisene noManqoba Mngqithi ngesizini ka-2020/21 nangesizini ka-2021/22.
Ebuzwa ukuthi angabaluleka kanjani abaqeqeshi abasebancane abanesifiso sokufinyelela ezingeni eliphezulu, uMokwena uthe akumfanele ukwenza lokho njengoba kusekuningi okumele akufunde.
“Akungifanele ngempela ukwenza lokho. Nginamaphutha amaningi kakhulu kunalokho abantu abaningi abakucabangayo.
“Nginobuthakathaka obuningi, engingakusho kubantu wukuthi abaqhubeke nokusebenza kanzima, bakholelwe kwabakwenzayo noma kungekho muntu okholelwa kubona,” usho kanje ngemuva komdlalo weligi abawudlale ngokulingana ngo 0-0 neCape Town City ngoLwesibili ebusuku.
Uthe kumele baqhubeke nokuthuthuka emsebenzini wabo, yinto efanayo nakubaqeqeshi. Akumfanele ukweluleka ngoba kunomqeqeshi ofana noGavin Hunt osekwenze lokhu iminyaka eminingi kakhulu.
“Kusafanele nami ngikwenze iminyaka eminingi bese sixoxa ngokuthi yiziphi izeluleko engingazinikeza abaqeqeshi abasebasha.
“Ngiyathuthuka, ngifunda nsuku zonke. Ngibuka ibhola ngisho kumaligi okungalindelekile ukuthi ngingawabuka ngoba ngifuna ukufunda ngibe nolwazi olungcono. Ngingumuntu wokugcina ongaluleka abanye.
“Kunabaqeqeshi abafana no-Eric Tinkler asebekwenze lokhu iminyaka eminingi abangakwazi ukweluleka abaqeqeshi abasebancane,” kubeka yena.
AmaBrazilian anqobe isicoco seDStv Premiership esasalelwe yimidlalo eyisikhombisa kanti lo mqeqeshi owake wayibamba kwi-Orlando Pirates nakwiChippa United.
Uthe ubengeke akwenze lokho ngaphandle kokwesekwa yibo bonke abantu abayingxenye yeqembu.
“Sisebenze sonke ngokubambisana. Kufanele kunconywe wonke umuntu ongaphakathi eqenjini kusukela kulabo abalungisa inkundla, abaphathi beqembu, abaphekayo ekhishini nabezokuphepha,” usho kanje Mokwena osanda kuqokwa njengomqeqeshi ovelele kaFebhuwari noMashi.
“Sineqembu elimangalisayo futhi ngenhlanhla sinabalandeli abaseseka nsuku zonke. Sinabadlali abasezingeni eliphezulu, ngakho-ke le mpumelelo ngeyethu sonke.”
UMokwena uphinde wakhuluma ngengcindezi yokuqeqesha ezingeni eliphezulu nokuthi kungani abanye abadlali asebewagaxe emgibeni amakhokho bekhetha ukungangeni kulo mkhakha.
Udalule ingxoxo abanayo nowayegijima kwiManchester United neBayern Munich, u-Owen Hargreaves, emtshela ngezizathu zokuthi angayingeni eyokuqeqesha.
“Lona wumsebenzi onomzwangedwa, onezikhathi ezinzima ngaphezu kwezinhle. Uba wedwa nemicabango nezinqumo zakho kanye nemiphumela,” uqhube kanje.
“U-Owen Hargreaves wacijwa ngabaqeqeshi abahamba phambili emhlabeni futhi ngambuza ukuthi kungani engaqeqeshi.
“Yingoba lo msebenzi ufuna okuningi emuntwini, uphazamisa indlela ochitha ngayo isizungu, impilo yakho nezezimali. Yingakho ebahlonipha abantu abawenzayo.
“Uma ngikhuluma iqiniso, wumsebenzi onzima impela, ikhona imivuzo kodwa ihambisana nezinye izinto eziningi abantu abangazazi,” kusho uRhulani.
ISundowns isiqoqe amaphuzu angu-60 emidlalweni engu-24 kanti isethubeni lokwephula irekhodi layo lokuthola amaphuzu angu-71 kwisizini yePremiership yakuleli enamaqembu angu-16.
Umdlalo olandelayo izowudlala neSwallows FC eDobsonville Stadium ngeSonto ngo-3 ntambama.