AKANEME uRhulani Mokwena ongomunye wabaqeqeshi beMamelodi Sundowns, ngebhola elisadlalwe wuBongani "Ben" Zungu.
Lo mdlali wasesiswini ubuyele kumaBrazilians seyiqalile isizini ka-2022/23. Ezakhe bese zidlale emithathu. Wethulwa ngokusemthethweni ngaphambi komdlalo iSundowns eyashaya kuwo iKaizer Chiefs ngo-4-0.
Selokhu ebuyile kwiSundowns usadlale emithathu kuphela.
Owodwa oweligi beshaya AmaZulu ngo-1-0 nowomlenze wokuqala owandulela owamanqamu eMTN 8.
Nangempelasonto ulitholile ithuba lokudlala ezakhe zibhaxabula ngo-7-0 iLa Passe yaseSeychelles emlenzeni wokuqala wokuhlungela ukungena esigabeni samaqoqo eCaf Champions League.
Kuyona yonke le midlalo ubesuka ebhentshini. Ukungabi qatha okubonwa njengembangela yokungabi sesikimini esiqala imidlalo.
Ngemuva komdlalo neLa Passe kubuzwa uMokwena ukuthi uzizwa kanjani ngesimo sikaZungu, uthe: "Naye uyazi ukuthi kangeneme ngesimo sakhe. Ngizikhulumela uhlangothi lwami. Naye uyazi ukuthi kukhulu angakwenza. Angisabi ukusho lokhu phambi kwenu ngoba naye ngimtshelile ukuthi angijabule ngasakwenzele iqembu. Sizoqhubeka nokumsiza. Kufanele sikhumbule ukuthi amasizini amabili adlule abenzima kakhulu kuye. Kulukhuni ukusho ukuthi uzoba yilo Zungu esimaziyo emuva kwesikhathi esingakanani.“
UMokwena uthe kodwa ujabule ngokuthi uZungu usekwazile ukwehlisa isisindo somzimba. Lo mdlali ubuye kwiSundowns kwazise izinto bese zingasamhabeli kahle eqenjini laseFrance, i-Amiens.
"Ukwehla kwakhe emzimbeni kuchaza ukuthi yena nethimba elimjimisayo benza umsebenzi oncomekayo. Uwumdlali wezinga eliphezulu, yingakho ekwazile ukuyodlala e-Europe. Nakuba nginganeme kodwa anginavalo ngethalente lakhe,“ kuqhuba uMokwena. Emasontweni edlule, uManqoba Mngqithi obambisene noMokwena ebhentshini leSundowns uphawulile ngoZungu, wathi usabheke okukhulu kuyena, futhi wamncoma ngamaphasi amahle afike wawenza ngesikhathi bemfaka koweBucs.
Emdlalweni weLa Passe, iSundowns idlule ngamagoli kaGrant Kekana, amabili kaGaston Sirino, Aubrey Modiba, Sipho Mbule, Sphelele Mkhulisi nelibe wumkhonto ogwaze ekhaya kwiLa Passe.
Nakuba iSundowns izigwazele ibhece, uMokwena ukuphikile ukuthi iLa Passe iyiqembu elilula.
"Amagoli esinqobe ngawo aveza isithombe okungesona ngezinga lomdlalo. ILa Passe inabadlali bezinga eliphezulu. Iningi labo lidlala eqenjini lesizwe. Akudlali noma wubani kwiChampions League. Nabo abafikanga ngephutha kuyo. NeBafana Bafana siye sibone ukuthi ithwala kanzima kanjani uma idlala neSeychelles. ILa Passe iyiqembu ukungelula ukulishaya," kubeka uMokwena.
Ube esezishaya isifuba ngesibalo esikhulu samathuba abawenzile.
"Ngesikhathi sibambana ne-Orlando Pirates emasontweni edlule, waba mkhulu umsindo ngesibalo esiphansi lapho esakwazi khona ukukhahlelela ipali. KoweLa Passe ipali silikhahlelele izikhawu ezingaphezu kuka-30. Bekusikufanele ukunqoba.“
Umlenze wesibili wala maqembu ungoLwesihlanu ngo-6 ntambama, khona eLoftus Versfeld Stadium.