OWAYENGUKAPUTENI weKaizer Chiefs neBafana Bafana, uLucas "Rhoo" Radebe, udalule ukuthi wake wayohlala ekubhaceni, ebalekela ozakwabo abangasekho, uPhil "Chippa" Masinga noSizwe Motaung.
Ekhuluma kwiKaya FM, uRhoo uthe lesi sigameko senzeka ngesikhathi yena esadlala kwiKaizer Chiefs ekubeni Masinga noSizwe besagijima kwiJomo Cosmos.
Uthe ngaleso sikhathi kwakuthi uma kuzodlala la maqembu ayezimbangi futhi aphethwe yizingwazi ezazigijima kwi-Orlando Pirates, uKaizer Motaung noJomo Sono, kube sengathi yimpi ephakathi kukaRhoo noMasinga. URhoo wayeyisiqongqwane sasemuva kanti uMasinga eyifolosi elalingalibheki ipali.
"Ngaphambi kokuba siyodlala kwiLeeds United, kwaba nomdlalo phakathi kweChiefs neCosmos. UMasinga wangishaya ngendololwane emlonyeni ngacishe ngagwinya ulimu. Salwa kabi naye enkundleni nangemuva komdlalo."
Uthe sashuba kakhulu isimo kangangoba waphoqeleka ukuba abaleke kubo eDiepkloof ngoba uMasinga noSizwe base bemhlasela.
Ebuzwa ukuthi kwenzekani kubo njengoba yena noMasinga base bedlala eqenjini elilodwa lase-England.
URhoo uthe kwaphoqeleka ukuba bakhumelane umlotha ngoba babehlaliswe ndawonye futhi belala egunjini elilodwa.
"Ngolunye usuku sazihlalela ebusuku, sakhuluma ngalesi sehlakalo sagcina sesisihleka." Uthe yadlula kanjalo ingxabano yabo.
UMasinga udlule emhlabeni eseneminyaka engu-49 esibhedlela saseGoli, ngoJanuwari 13, 2019 ngenxa yesifo somdlavuzo kwathi uSizwe washonela kubo eNewcastle, eseneminyaka ewu-31 ngo-Agasti 16, 2001.
Echaza ngokukhula kwakhe, uRhoo uthe wakhulela emzini enamagumbi amane.
"Umfowethu omdala nguye owayalala yedwa ekamelweni ekubeni amantombazane ayelala ekamelweni lokuphumula. Mina ngangilala ngaphansi kwetafula ekhishini."
Ugqugquzele abazali ukuba bayekele abantwana babo bakhethe izifundo abaziqonda kangcono nabanesiqiniseko sokuthi zizokwazi ukubanikeza imisebenzi.
"Thina sikhule ngesikhathi lapho izingane zazikhethelwa ngabazali ukuthi kufanele zenze muphi umsebenzi. Akusafani namanje okunenqwaba yemisebenzi engafundelwa."