UMGADLI weManchester United, uMarcus Rashford, uchoma uphaphe lwegwalagwala umqeqeshi wabagadli kuleli qembu, uBenni McCarthy ngokubuyelwa kwakhe yifomu yokushaya amagoli kule sizini.
URashford (24) oshaye igoli lesibili iManchester ibhaxabula i-Aston Villa ngo 4-2 koweLeague Cup ngoLwesine, useshaye amagoli ayisishiyagalombili kuyo yonke imiqhudelwano kule sizini.
Kula magoli kubalwa amane asewashaye kwiPremier League, amathathu asewashaye kwi-Uefa Europa League, nelilodwa alishaye kwiLeague Cup.
Lokhu kukhombisa ifomu enhle kulo mdlali oshaye amagoli amahlanu kuphela ngesizini edlule emidlalweni engu-32 ayidlalile.
Ifomu yakhe ithele izithelo njengoba eqokiwe esikwatini seqembu lesizwe lase-England eliyoyibamba kwiWorld Cup, eQatar.
“Ungisize kakhulu (uMcCarthy). Ukuba nomqeqeshi onomqondo wokuhlasela kuhle eqenjini lethu, uhlale esikhuthaza ngaso sonke isikhathi,” kusho uRashford, ekhuluma neSky Sports.
UMcCarthy, odabuka eNingizimu Afrika, ujoyine iManchester ekuqaleni kwale sizini esuka kuMaZulu FC, elandwa ngumqeqeshi obesanda kuthatha izintambo kwiManchester u-Erik ten Hag, ukuzoba ngumqeqeshi wabagadli.
Amagalelo kaMcCarthy aseqalile ukubonakala kuleli qembu lase-Old Trafford, njengoba eseke wanconywa nangezinye izihlabani zaleli qembu okubalwa kuzo uCristiano Ronaldo noBruno Fernandes.