LUNGILE MAJOKA
UKUNGENA kowandulela owamanqamu kwiNedbank Cup kuzobe kusho ukudlondlobala kweqembu lakhe, umqeqeshi weTS Galaxy, uSead Ramovic.
Lo mqeqeshi vele usefake leli qembu likaTim Sukazi kowamanqamu kule sizini, lapho behlulwe khona iStellenbosch FC, egcine iphakamisa iCarling Black Label Cup.
URamovic oqhathwe neChippa United kuma-quarterfinal eNedbank Cup, uthe uma iqembu lakhe lingaqhubeka nokuhamba lize lifike ekugcineni kulo mqhudelwano bese liqeda libalwa namaqembu ayisishiyagalombili aphezulu kwiDStv Premiership, lokhu kungamkhombisa ukuthi iqembu lakhe liya ngokukhula.
“Izimbangi zethu ngicabanga ukuthi zisahlulwe kanye emidlalweni emihlanu edlule. Lokhu kukhombisa ukuthi yini ephethwe abaqeqeshi bazo abasha (uThabo September noKwanele Kopo). Sizobe sidlala neqembu eliqinile ngokwezikhwepha. Kuzoba wumdlalo ohehayo esizozilungiselela wona ngendlela ukuze sinyuse amathuba ethu okunqoba ukuze sikwazi ukufeza iphupho lethu lokungena kowandulela owamanqamu,” kusho uRamovic kwabezindaba ngemuva kokuqhathwa neChippa.
Lo mqeqeshi odabuka eGermany uthe yize iqembu lakhe lakhiwe ngabadlali abasebancane, abaqhamuka kwiDStv Diski Challenge nabaqhamuka emaqenjini asesigabeni esiphansi kodwa uzimisele ngokulibona liqeda kwi-Top 8 kwiDStv Premiership.
IGalaxy kwi-log isabambe indawo yesishiyagalolunye ngemuva kokuqoqa amaphuzu awu-25 emidlalweni ewu-18.
“Sifuna ukuba kwi-Top 8. Singenile kowamanqamu eCarling. Uma singangena kowandulela owamanqamu (eNedbank), kungaba yinto enhle kakhulu. Sizobe sikhombisa ukuthi siyadlondlobala bese sikwazi ukuzibekela amaphupho amasha. Kwala kancane ukuthi sinqobe owamanqamu. Udinga inhlanhla (kumaphenathi) kodwa leso sipiliyoni sizosiza. Abadlali bazobona ukuthi akukho okungeke kwenzeke uma uzimisela,” kusho uRamovic.
Imidlalo yama-quarterfinal izoba ngempelasonto ka-Ephreli 12-14. IGalaxy izodlala neChippa ngo-Ephreli 14 eMbombela Stadium. Nokho ngaphambi kwalokho kusamele igxilise amalungiselelo ayo kuMaZulu ezodlala nawo ngoMgqibelo koweligi enkundleni efanayo.
Eminye imidlalo yama-quarterfinal eNedbank Cup:
Ngo-Ephreli 12 - University of Pretoria v Mamelodi Sundowns (Lucas Moripe Stadium, 7pm).
Ngo-Ephreli 13 - Stellenbosch v SuperSport United (Danie Craven Stadium, 3pm); AmaZulu v Orlando Pirates (Moses Mabhida Stadium, 6pm).
Ngo-Ephreli 14 - TS Galaxy v Chippa United (Mbombela Stadium, 3pm).