UMGADLI wakudala we-Orlando Pirates, uBruce Ramokgadi, ushwelezele abadlali baleli qembu emuva kokubambana ngo 0-0 neDisciples FC yaseMadagascar, kowomlenze wokuqala esigabeni sokuqala kweyokuhlungela amaqoqo e-Caf Champions League.
IPirates ezandisele umsebenzi ngokuhluleka ukuthola okungenani elokubika emdlalweni obuseMaurituis, ngeSonto, sekumele inqobe noma kanjani kowomlenze wesibili ongoLwesihlanu ngo-7 ebusuku e-Orlando Stadium, eSoweto.
Ukuhluleka kwePirates ukubona lapho kugxunyekwe ngakhona amapali kuvuse iminjunju kwabathanda leli qembu abebekhuluma ezinkundleni zokuxhumana ezahlukene ngesikhathi kuqhubeka umdlalo.
Lokhu bekuvukuzwa yindlela iPirates ekhishwe ngayo kulo mqhudelwano iJwaneng Galaxy yaseBotswana, esigabeni sesibili seyokuhlunga ngesizini edlule.
URamokgadi owadlala iminyaka kwi-Pirates kodwa waphoqwa ukulimala ukuba ayeke ibhola, ubona ithuba labalandeli lokusiza abadlali emdlalweni womlenze wesibili.
“Umlando wangesizini edlule usemusha ezingqondweni zabalandeli ngakho-ke konke okungahambi kahle kubakhumbuza ukuphoxeka obekuhambisana nokukhishwa yiJwaneng emqhudelwaneni esinomlando wokuwunqoba,” kusho yena.
“Angisiboni isidingo sokuba novalo ngenxa yomphumela iPirates ebuye nawo kowomlenze wokuqala ngoba ayizange ishaywe.
“Ukhiye wokwenza kahle kwiChampions League ukugwema induku kweyasekuhambeni bese uqinisekisa amawini kweyasekhaya.
“Engikucela kubalandeli bePirates ukuthi bangayinaki eyokuyekwa kwamagoli koweDisciples kepha baphume ngobuningi babo ngoLwesihlanu ukuyosiza abadlali.
“Ukugcwalisa kwethu inkundla simemeze amagama abo kuzobakhuthaza badlale ngokukhululeka bese kulandela umphumela sonke esiwubheke kubona.
“Okudingwa abadlali ukwesekwa abalandeli babo kweyasekhaya, hhayi ukugxekwa. Maningi amathuba okuthi iPirates inqobe ngembudlu uma isidlalela ekhaya ngakho-ke asiyeni enkundleni ukuyoyiseka.
“Akekho owaziyo, mhlawumbe leyo mbudlu iyona ezovukuza okuthile kubadlali iqale kanjalo indlela yeChampions League esizoziqhenya ngayo sonke,” kusho uRamokgadi sakunxusa.
Ngesikhathi ekhuluma nethimba labezindaba lePirates emuva komdlalo umqeqeshi wayo, uJose Riveiro, uhambe emzwini kaRamokgadi ngenjabulo yokungangenelwa igoli.
“Okucacile ukuthi womabili amaqembu abenawo amathuba okuwina kodwa angawasebenzisa ngendlela. Lokhu kuphoqa ukuthi siwuqedele ekhaya umsebenzi,” kusho yena.
“Kuhle ngoba ngeke silinde kakhulu kodwa okukhulu kunakho konke ukuthi izitha azizange zilithole igoli,” kuphetha uRiveiro.